ITheku linxusa umphakathi ubambe iqhaza ekugcineni iDolobha lihlanzekile

SHEILA MHLONGO

UMasipala weTheku amathimba e-Waste Management abesebenza kanzima emgwaqeni uMngeni, ekhuculula kahle esebenzisa amaspade namanye amathuluzi okwenziwa ngesandla ukususa udoti nemfucumfucu emigwaqweni egandayiwe.

Ukuhlanza kuyingxenye yemizamo eqhubekayo yokugcina inhlanzeko emizileni emikhulu kanye nokuqinisekisa ukuthi izindawo zomphakathi zihlala ziphephile futhi zamukelekile kubo bonke abahlali nezivakashi.

Izakhamizi nabashayeli bezimoto bayanxuswa ukuthi babambe iqhaza ekugcineni iDolobha lihlanzekile. IDolobha likhumbuza izakhamizi ukuthi zihlale zilahla udoti ngendlela efanele. Abashayeli bezimoto bayalulekwa kakhulu ukuthi bagweme ukulahla imfucuza ngamafasitela ezimoto zabo, ngoba lokhu akugcini nje ngokungcolisa imvelo kodwa futhi kuvimbe amapayipi okukhipha amanzi futhi kubangele izikhukhula uma kunezimvula ezinamandla

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *