Uhulumeni ufisele abafundi bakaMatric   okuhle ngesikhathi sezivivinyo zabo

ZAMA MAJOLA

Uhulumeni udlulise izilokotho ezinhle kubo bonke abafundi bakamatikuletsheni ezivivinyweni zabo zeSitifiketi Sikazwelonke sika-2025. Lesi sikhathi siphawula isiphetho seminyaka eyi-13 yokufunda, sokuzinikela kanye nokubekezela. Ngalokho, abafundi bayakhuthazwa ukuthi babheke izivivinyo ngokuzethemba, nangokuzimisela. “Ukuzikhandla kwenu akumeli nje kuphela impumelelo yomuntu kodwa kuphinde kube negalelo elibalulekile nasekuthuthukeni kwezwe lethu,” kusho ibamba lomkhulumeli kahulumeni uWilliam Baloyi.

Uhulumeni uphinde wanxusa abazali nababheki ukuthi banikeze uxhaso oludingekayo kanye nendawo ekahle kubafundi ngalesi sikhathi esibucayi. Umoya opholile nokhuthazayo ekhaya usiza ekwehliseni ukukhathazeka futhi uvumela abafundi ukuthi basebenze ngokusemandleni abo. Uhulumeni ulithulele isigqoko ikilasi lonyaka ka-2025 ngokukhuthala nokuzibophezela kwalo futhi udlulisa ukubonga kothisha, abazali kanye nemiphakathi ngokuqhubeka nokubeseka. Ngokubambisana, sakha isizwe sabantu abasha abanekhono nabazethembayo abakulungele ukubumba ikusasa laseNingizimu Afrika,” kusho uBaloyi.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *