Ngiyabingelela bantu bakithi. Ezikhathini ezimbi zokuhlukumezeka kwabesifazane sikhuza abesilisa ukuthi bawuyeke lomkhuba. Angigqugquzele futhi kwabesifazane ukuthi nabo mabazivikele ngokungabanikezi kalula abesilisa isizathu sokubalimaza. Noma bungabamnandi utshwala kodwa masibuqaphele bakithi buyingozi bungasibhubhudla busiqede isizwe siphele sonke.
Umuntu wesifazane makangaphuzi aze aphenduke isigqila sotshwala aze ahambe ubusuku bonke eshintshashintsha izindawo zokucisha ukoma. Nezingane zamantombazane ezisezincane mazingavunyelwa ukuzula ubusuku bonke zishintsha izindawo zokucisha ukoma ikakhulu mazisenabazali masiqine isandla ukuze zivikeleke. Bantu besifazane phuzani nibuye nganeno kungaze kulahleke igugu lokuba ngumuntu wesifazane.
Obhalayo uKatlego Nare

