Kwethulwe isiphuzo sikamoba esisha e-KZN

ZAMA MAJOLA

ISouth African Canegrowers Association yethule isiphuzo ethe siyisiphuzo sokuqala emhlabeni esikhiqiza amandla enziwe ngejusi yomoba.

Lesi siphuzo esibizwa ngeShesha sikhiqizwe saphinde safakwa emathinini iKwaZulu-Natal. Inhlangano ithe lesi siphuzo sinoshukela ngokwemvelo futhi siqukethe ingxenye ye-caffeine etholakala eziphuzweni ezivamile ezinikeza amandla. Le nhlangano idlulise ukuthi lesi siphuzo sihlukene ngama-flavour amane: i-original, ulamula kanye ne-lime, i-olintshi kanye ne-ginger beer. Bagcizelele nokuthi i-Shesha imayelana nokwenza into entsha nejabulisayo ngesitshalo esisazi kusukela ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Kuwubufakazi bokuthi ukuqamba izinto ezintsha kungaqala khona lapha ekhaya ukushintsha umoba ube yinto entsha, efanele futhi esiziqhenyayo ngayo yaseNingizimu Afrika,” kusho u-Higgins Mdluli, usihlalo we-SA Canegrowers. Kuvele nokuthi inzuzo evela kwaShesha izokwenza ukuthi amaphrojekthi aKwaZulu-Natal naseMpumalanga akhuthaze ukudalwa kwamathuba emisebenzi kanye namathuba omnotho ngokusebenzisa imisebenzi yeSA Canegrowers.

“Ukwethulwa kweShesha kuphawula isinyathelo esibalulekile kuleli qhinga lokudala imithombo yemali emisha, eqhubekayo kubalimi kanye nemiphakathi yasemakhaya ngokufanayo,” ephetha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *