Kunxuswe abazali baseKZN ukuthi basize ekunqandeni ubuqhwaga ezikoleni

 

ZAMA MAJOLA
 
Inhlangano yabazali KwaZulu-Natal isinxuse omama nobaba ukuthi bazibophezele ekulungiseni izingane zabo ezihlukumezayo. Sekuqubuke izigameko zokuhlukunyezwa kwezingane ezikoleni zakuleli, ezinye zaqoshwa nge-video zafakwa ezinkundleni zokuxhumana. e-KZN, isigameko saseMount View Secondary eVerulam sisanda kuba sematheni. USihlalo walenhlangano, uMnu. Vee Gani uthe,  nakuba abenzi bobubi kuyizingane kodwa nazo zenza icala. "Kumele kuvulelwe lowo mfundi ohlukumeze omunye esikoleni icala lobugebengu. Ayikho enye indlela, ngoba ukushaya ngokomthetho waseNingizimu Afrika kuwubugebengu. Akusho lutho ukuthi uyingane noma cha" kusho uGani. 
 
 
Uphinde wadlulisa ukuthi abanye abazali bayaphika, bacabanga ukuthi izingane zabo azinakwenza iphutha. I-KZN Education isamile kwelokuthi inomgomo wokungabubekezeleli nhlobo ubuxhwanguxhwangu. Muva nje iTruLife yethule umkhankaso wokulwa nobuxhwanguxhwangu ezikoleni kuso sonke isifundazwe. Bagcizelele ukuthi uma ingane  ineminyaka engaphansi kuka-12 kumele ibuzwe ukuthi kungani ihlasela ezinye? Ingabe ibhekene nezinto ezibe nomthelela kulokhu kuziphatha? Ngabe badinga ukungenelela? Lokho kuzosiza ekutholeni umnyombo walokhu kuziphatha. Abazali babe sebenxuswa ukuthi bazinakekele izingane zabo, bengahlukumezani phambi kwazo kanti nazo bengazihlukumezi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *