Amaphoyisa aseNingizimu Afrika ashaqe izimpahla ezingekho emthethweni ezibiza ngaphezu kuka-R160 million

SHEILAMHLONGO

Amaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS)  ashaqe (seized) izimpahla ezingekho emthethweni (counterfeit goods) ezibiza ngaphezu kuka-R160 million ezindaweni ezahlukene ezweni.

“Phakathi nesonto lokuphela kukaMashi, amaphoyisa ashaqe izimpahla ezingekho emthethweni ezibiza ngaphezu kuka-R160 million ngesikhathi semikhankaso eminingi yokuhlasela izindawo ezahlukene. I-National Counterfeit and Illicit Goods Unit ihole umkhankaso ohlanganyelwe eBellville ngoLwesibili, 24 Mashi 2026, lapho kushaqwe (seized)  khona izimpahla ezingekho emthethweni ezibiza ngaphezu kuka-R117 million,” kusho iSouth African Police Service (SAPS) esitatimendeni sayo ngoMgqibelo womhlaka 27 Mashi 2026.

Ithimba elisebenze kulolu hlelo belihlanganisa amalungu eWestern Cape Counterfeit and Illicit Goods Unit, Crime Intelligence, iNational Intervention Unit (NIU), Public Order Policing (POP), kanye nezikhulu zoMnyango weSouth African Revenue Service (SARS) Customs, phakathi kwabanye.

Ithimba lishaqe izinto ezingaphezu kuka-130 000 ezingekho emthethweni, okuhlanganisa izingubo ezinamagama amakhulu (brand names), izingubo zemidlalo, amateki, izigqoko, izibuko zelanga kanye namawashi.

EGauteng, amaphoyisa enze imikhankaso eminingana yokuhlasela eJohannesburg, eTshwane, eMeyerton, eVanderbijlpark naseVereeniging phakathi nesonto.

Komunye wale mikhankaso, iGauteng Counterfeit and Illicit Goods Unit, isekelwe ngabanye ababambiqhaza, ivale indawo eyayikhiqiza izimpahla ezingekho emthethweni eyayisebenza (counterfeit goods) esakhiweni sezokwelapha eJohannesburg CBD.

“Kuthathwe izimpahla ezingekho emthethweni kanye nemishini yokuphrinta amalebula ezibiza ngaphezu kuka-R28 million. Ngaphezu kwalokho, umkhankaso owenzeke KwaZulu-Natal uholele ekuthathweni kwezimpahla zikagwayi ezingekho emthethweni ezibiza ngaphezu kuka-R15 million eSydenham,” kusho amaphoyisa.

Amaphoyisa athe ukuhwebelana ngezimpahla ezingekho emthethweni kulimaza umnotho waseNingizimu Afrika, kubeka engcupheni impilo nokuphepha kwabathengi, kuphula amalungelo obunikazi (intellectual property), futhi kudicilela phansi amabhizinisi asemthethweni.


UKUSHUSHUMBISA IZIMOTO

Ngakolunye uhlangothi, umsebenzi wethimba likazwelonke (National Task Team) elisebenza eManguzi enyakatho yeKwaZulu-Natal uholele ekutheni kugwetshwe omunye umsolwa oshushumbisa izimoto.

INkantolo Yesifunda eMtubatuba igwebe uMpumelelo Cloud Goba (45) ngoLwesihlanu ukuba agwetshwe ejele  ngokweba imoto ebiza ngaphezu kuka-R700 000 eyebiwe endaweni yokupaka eThekwini ngo-Agasti 2025.

“Umsolwa ugwetshwe iminyaka eyisikhombisa ejele, ingxenye yaleso sigwebo imisiwe iminyaka emihlanu uma engaphindi enze icala elifanayo,” kusho amaphoyisa.

Ngokusho kwamaphoyisa, ithimba lathola ulwazi mayelana neToyota Fortuner eyebiwe eThekwini.

Amaphoyisa ayibamba le moto ebibhaliswe ngamanga isendleleni iya eManguzi, lapho ibizodluliselwa komunye umshayeli ukuze ishushumbiswe iye eMozambique, okwaholela ekuboshweni kukaGoba.

Ubekwe icala lokweba imoto, kwathi ithimba laqhubeka nophenyo futhi laphikisana ngempumelelo nesicelo sakhe sebheyili eNkantolo yaseHluhluwe kuze kube icala lakhe lidluliselwa eNkantolo Yesifunda eMtubatuba lapho liphothulwe khona ngomhlaka 27 Mashi 2026.

“Lesi sigwebo sikhombisa ukuzimisela okukhulu kwe-Emanguzi Task Team ekulweni nobugebengu obuwela imingcele, ikakhulukazi ukushushumbiswa kwezimoto zisuka eNingizimu Afrika ziya emazweni angomakhelwane, ikakhulukazi eMozambique,” kusho amaphoyisa.

Kusukela ngo-Ephreli 2025 kuze kube manje, ithimba selibophe abantu abangu-96 ngezinsolo ezehlukene, lathatha izibhamu ezingekho emthethweni ezingu-16 (kuhlanganisa nezifanayo), labuyisa izimoto ezingu-67 kanye neloli elilodwa.

“Ithimba liyaqhubeka nokuzibophezela ekulweni nobugebengu obuwela imingcele enyakatho yeKwaZulu-Natal nasezindaweni ezizungezile, ligxile kakhulu ekwebeni nasekushushumbiseni izimoto, ukuphanga, ukugetshengwa kwezimoto, ukutholakala nezibhamu ngokungekho emthethweni, ukubulala, ukuzama ukubulala kanye nokuphanga,” kusho amaphoyisa. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *