I-IDAC iphikisa izinsolo zokuthi ihlasela izikhulu eziphezulu ze-SAPS

SHEILA MHLONGO

Igatsha eliphenya amacala enkohlakalo ngaphansi koPhiko Lwezokushushisa (NPA), elaziwa ngokuthi i-Investigating Directorate Against Corruption (IDAC), selikugxekile ukusabalala kwezinsolo ezingamanga ezinkundleni zokuxhumana, ezithi i-IDAC ihlose ngamabomu ukuhlasela izikhulu eziphezulu zeNhlangano Yamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS).

Lokhu kulandela ukuboshwa kwezikhulu zamaphoyisa eziphezulu eziyi-12 kanye nokuthunyelwa kwezincwadi zokubizelwa enkantolo kuKhomishana Kazwelonke wamaphoyisa, mayelana nenkontileka okusolwa ukuthi yanikezwa ngendlela engafanele yi-SAPS enkampanini iMedicare 24, ephethwe uVusimuzi “Cat” Matlala, naye ongomunye wabasolwa kuleli cala.

“I-NPA kusukela ekuqaleni iveze ukuthi lolu daba lwadluliselwa ku-IDAC ngo-2024 lapho kwenziwa khona uphenyo. Kubalulekile futhi ukuqaphela ukuthi lolu daba lwadluliselwa ku-IDAC uPhiko Lokuhlola Ubungozi lwe-SAPS ngemuva kokutholakala kwezinsolo zokungahambi kahle,” kusho i-IDAC esitatimendeni sayo ngoMgqibelo womhlaka 28 Mashi.

I-IDAC ithe akulungile futhi kuyingozi ukuthi ezinye izinhlaka zomphakathi nabantu ngabanye baqambe indaba ethi ukuboshwa kuhlobene nezethulo ezenziwa eKhomishini Yokuphenya kaMadlanga kanye neKomidi LePhalamende elakhelwe ngokukhethekile ukuphenya izinsolo ezaphakanyiswa nguKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, mhla ziyi-06 kuJuly 2025.

“I-IDAC iyawuhlonipha umsebenzi owenziwa yikhomishini kanye neKomidi, futhi izolandela izincomo ezizophuma.”

Iphinde yathi umphakathi kufanele uqaphele futhi ungaweli ezindabeni ezingamanga ezenzelwe ukuphazamisa umzamo wokulwa nenkohlakalo.

“Ukuhlaselwa kanye nokusola okungenasisekelo kungabeka engcupheni izimpilo zezisebenzi ezisebenza kulezi zikhungo kanye noMqondisi Wophenyo nemindeni yabo. Noma kunjalo, i-IDAC ayikwazi ukuvumela lokhu kuyiphambukise ekufezeni umsebenzi wayo ngokomthethosisekelo, ngaphakathi kwemingcele yomthetho.”

I-IDAC icele bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bavumele umthetho uthathe indawo yawo.

“I-IDAC, njengengxenye ebalulekile ngaphansi kwe-NPA, isebenza ngaphansi komgomo wokuphenya nokushushisa ngaphandle kokwesaba, ukucwasa noma ukwenzelela. Zonke izinyathelo ezithathiwe zilandele zonke izinqubo zomthetho. Ukuboshwa kusekelwe ebufakazini obukhona.

“Umbono wabanye abantu othi bekufanele kuboshwe nabanye uyadabukisa, njengoba i-IDAC ibhekane nezindaba ezisezandleni zayo kuphela kanye nobufakazi obukhona. Izindaba eziphathelene nabanye zivele kuKhomishini kaMadlanga, futhi uma zidluliselwa ku-IDAC, zizophenywa ngaphandle kokwesaba noma ukwenzelela.

“Mayelana nokuboshwa, akukho mithetho ephuliwe ngesikhathi kuboshwa abasolwa odabeni lweMedicare 24 noma kwezinye izindaba lapho abasolwa bebizelwe ukuvela enkantolo. Zonke izinqubo zilandele umthetho ngokugcwele. Ubugebengu abukwazi ukuvunyelwa ukuba buqhubeke, futhi i-IDAC izama ukuvimbela lokhu ngokugcwele njengoba yenza umsebenzi wayo,” kusho i-IDAC. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *