ZAMA MAJOLA
Iqembu loMkhonto weSizwe (MK) liphendukele eNkantolo enkulu yaseNorth Gauteng ePitoli emzamweni ophuthumayo wokuvuselela inselelo yalo ephikisana nesinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokubeka uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ekhefini. Iqembu lifuna ukuthi izinqumo ezenziwe nguMengameli Ramaphosa zicubungulwe okungukubeka uMchunu ekhefini, ukuqokwa kukaSolwazi Firoz Cachalia njengeBamba likaNgqongqoshe Wezamaphoyisa kanye nokusungulwa kweKhomishana kaMadlanga Yophenyo. UMengameli waphambilini uMnu. Jacob Zuma, encwadini efungelwe, uziphikisile lezi zinqumo washo nokuthi okwenzeke kuMchunu kuyindlela yekhefu engakaze ibonwe ngaphambili nokuthi angeke kwabazuzisa abantu ukukhokhela oNgqongqoshe ababili abasesikhundleni esifanayo.
Ngenxa yalokho, i-MKP ifuna ukuba izinqumo ezintathu zikaMongameli zibhekwe kabusha okanye zibekwe eceleni.

