ZAMA MAJOLA
Ngesinyathelo esiqinile sokwakha iDolobha elikwazi ukumelana nomlilo, uMasipala weTheku, ngokubambisana ne-Astron Energy, bethule uhlelo lokusindisa izimpilo zabantu ngokufaka amasensa ahlola intuthu nemlilo eDakota Informal Settlement eSiphingo mhlaka 29 kuJulayi. Lolu hlelo, oluzosatshalaliswa nakweminye imijondolo, luyingxenye yoHlelo lukaMasipala Lwezinga lesibili lokuLawulwa kweziNhlekelele, olubeka phambili ukuncishiswa kwezinhlekelele, ukuphepha komphakathi, kanye nokuvikelwa kwezimpilo nezindlela zokuziphilisa. Ukufakwa kwemishini engu-340 bekuholwa yiPhini leMeya yeTheku uKhansela Zandile Myeni, ehambisana neKhansela lakuWadi 90 uDharmand Nowbuth, izikhulu eziphezulu zakwa-Astron Energy, izikhulu zoPhiko lwezokuLawulwa kweziNhlekelele kuMasipala kanye nezinhlaka ezibalulekile. Lokhu kuyingqopha-mlando embonweni weDolobha wokufeza ukungabi bikho kokubulawa kwabantu okuhlobene nemililo emiphakathini esengozini.
IPhini leMeya uMyeni uthe lolu hlelo luyisimemezelo sokuthi impilo yabo bonke abantu ibalulekile. “Ngalobu budlelwano phakathi kwezinkampani ezizimele nezikahulumeni, asigcini nje ngokubhekana nezinhlekelele ezedlule kodwa sivimbela ezizayo,” kusho yena. Uthe lesi yisibonelo esihle kakhulu sokuzinikela kweDolobha ekudambiseni izinhlekelele, ngokuhambisana noHlaka lokuNciphisa iziNhlekelele. Le mishini izokwazisa izakhamuzi ngesikhathi sokuqala komlilo, ivumele ukuphuma ngokushesha kanye nokusabela okuphuthumayo, ukungenelela okubalulekile ezindaweni ezihlala abantu abaningi lapho imililo ibhebhetheka ngokushesha. Kubahlali abafana noFikile Mbotho, umuzi wabo osanda kwakhiwa kabusha wafakwa omunye wemishini yokuthungatha, lolu hlelo luletha okungaphezu nje kokuphepha, luletha ukuthula kwengqondo. “Umshini uzosiza ukusixwayisa ngokushesha uma kuqala umlilo. Sizizwa siphephile, futhi sibonga ngempela,” esho. I-Dakota yakhethwa njengendawo yokuqala
Ngenxa yengozi yayo ephezulu yomlilo, eqhutshwa ukusondela kwezakhiwo kanye nokusetshenziswa kwezinto ezivuthayo zokupheka nokushisa. UMasipala uhlela ukwandisa lolu hlelo kuyo yonke imijondolo yonkana iTheku lonke, uqinisekise ukuthi wonke umhlali uzofakwa ezinhlelweni zokuxwayisa abantu kusenesikhathi ezisindisa impilo.

