UMinnie Dlamini uyazilwela

ZAMA MAJOLA

Ngokusho kukaMashala Segerika oyi-blogger, umethuli wezinhlelo zikamabonakude othandwayo nophinde abe ngumdidiyeli wezindaba usefake ngokusemthethweni icala lika-R2.5 million emangalela abasakazi bezinhlelo ze-podcast, uMacG noSol Phenduka, mayelana nokuphawula kwabo okumehlise isithunzi, ukucwasa ngokobulili nokululaza. Lokhu kuza emva kwesiqephu sePodcast ne-Chill esisabalale ezinkundleni zokuxhumana ekuqaleni kwalo nyaka. Lapho u-MacG no-Sol benza khona izimangalo ezishaqisayo mayelana nempilo yangasese kaMinnie, baze benza amahlaya ngephunga lakhe lomzimba nokungahlanzeki kwesitho sakhe  sangasese.

 Lezi zinkulumo zidale isivunguvungu ezinkundleni zokuxhumana, abaningi belandela uMinnie, okuhlanganisa neqembu elimela iWomen For Change. Nakuba kamuva uMacG ekhiphe isixoliso esidlangalaleni, uMinnie akazange aneliseke futhi wakubeka kwacaca ukuthi uzoqhubeka athathe izinyathelo zomthetho. NgokweSunday World, uMinnie useludlulisele lolu daba eNkantolo Yezokulingana, esola laba ababili ngalokhu okulandelayo: Inkulumo enenzondo, ukuhlukumeza kanye nokucwasa ngokobulili. UMinnie ufuna amademeshe ka-R1 million, no-R1.5 million eceleni ozokhokhelwa iWomen For Change, ebimeseka kuso sonke lesi sigameko.

“Ukwenza isitho sami sangasese sibe yisihloko sengxoxo kazwelonke kungilulaze kakhulu, kwalulaza nabesifazane,” kusho uMinnie. Uqhubekile nokugxeka uMacG, wathi ukuxolisa kwakhe akakuboni njengokusuka enhliziyweni.  Lesi sigameko siphinde savusa inkulumo-mpikiswano mayelana nenkululeko yokukhuluma, usiko le-podcast, nokuhlonipha abesifazane kwabezindaba. Ngenkathi abanye bephikisana ngokuthi laba ababili bebezincokolela nje, abanye bagcizelele ukuthi amahlaya nawo anemikhawulo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *