SBU MAMBA
Zimhambela kahle kakhulu izinto ku Betway Premiership umqeqeshi we Chiefs uNassredine Nabi , abafana bokuthula noxolo iKazier Chiefs ezikashintsha GuluvaAmakhosi ahleli endaweni yesibili ku Log kodwa bayalingana ngamaphuzu neSekhukhune
United , iBabina Noko inaphuzu angu 13 neMpofana kanjalo inamaphuzu angu 13, kusazobamnandi kuligi kulesizini entsha ka-2025/26 iyobanjwa esithele nayo njengoba naMasandawana iMamelodi Sundowns ne Orlando Pirates bayasifuna lesicoco seligi . Ekhuluma nabezindaba ngesonto elidlule uthe izandla zidlula ikhanda kubaphathi beqembu
ngokumthengela abadlali absezingeni eliphezulu, uphinde wancoma nokuqina kodonga lwasemuva oluholwa unozinti uBrandon Peterson , izitobha ezinesipiliyoni o-Inacio Miguel Thabiso Monyane, Paseka Mako nokaputeni Zitha Kwinika. Lomqeqeshi odabuka eTunisia ujoyine Amakhosi ngonyaka odlule esuka ku AS FAR yase Morocco , Impofana iqede ngaphandle kwe Top 8 kodwa uNabi ukwazile ukwazile ukusiza iqembu linqobe indebe ye Nedbank waqeda isomiso seminyaka eyishumi kukangeni izicoco eNaturena , uNabi uthi iqembu lizokwenza kahle kakhulu kulesizini ngoba abadlali sebeluqonda kahle uhlelo lokudlala (Philosophy) .
UNabi uphinde wabonga kakhulu abaphathi ngokumthengela umgadli owaduma kakhulu esagjima ku-Mamelodi Sundowns uLebohang Maboe , uthe lenziswa izoba wusizo kakhulu emidlalweni yase Africa i-CAF Confederation Cup kanti lumi kanje uhla lwabadlali abasha be Chiefs , izitobha ezintsha uThabiso Monyane noPaseka Mako abathengwe ku-Olrlando Pirates bese kuba uNkanyiso Shinga , kanti kubagadli kuthenwge uGodspower Ighodaro , uFlavio Silva , Luke Baartman , Asanele Velebhayi noLebohang Maboe bese lapha esiswini kube no Ethan Chislett, no Sphesile Ndlovu osuka ku Supersport United.

