THOBILE MBATHA
Abechichima injabulo nentokozo amaKhosi ngesikhathi ehlonishwa ngezindondo kowe-KZN Namuhla Artists Awards 2025 lomcimbi ububanjelwe eThekwini eBat Centre ngoMgqibelo womhlaka -6 Septhemba.
Kube ngokuqala emlandweni womcimbi wokuhlonipha nokuklomelisa amacCiko ukuthi kuhlonishwe namaKhosi nabaholi abehlukene emphakathini ngaphansi komkhakha we Influential Leadership Awards.
Amakhosi ebehambele lomcimbi ukuzohlonishwa kube, Isilo Ingonyama Yesizwe sakwa-Mthethwa uDavid Thomas Mthethwa weNhlangano INgonyama Trust, ebihamba nabaphelezeli bayo baseNdlunkulu, kwaba iNkosi DK Ndlela yakwa-Bayeni we-Impendle Royalty weNhlangano Thandolesizwe NPO obehamba nabaphelezeli bakhe baseNdlunkulu uMntwana uB. Zulu, uNksz. Nomthandazo Ndlela ukubala abambalwa.
Isilo Ingonyama yabaThethwa ngesikhathi ikhuluma emcimbini we-KZN Namuhla Artists Awards 2025 ithe,”Sidlulisa ukubonga kakhulu kuNksz. Sheila Mhlongo usebenze umsebenzi omkhulu Njomane kaMgabhi ukuthuthukisa amaCiko akithi wangagcina lapho wakhumbula ukuthi konje labantu baphethwe nabo ilabantu ababizwa ngeSilo naMakhosi wabe ususimema nathi sibonga asiphezi futhi iqalile iqalile ngeke kusaphela ukusebenzisana kwethu uma uhlela lomcimbi omngaka ngeke sisasala nathi siyathobeka ukuzibona sihlonishwa ikakhulukazi umuntu wesifazane akhumbule ukuthi konje kunabaholi bomdabu okumele babone into enhle eyenziwa abantu ababaphethe ezindaweni zaMakhosi.”
“Siyakuqinisekisa ukuthi nangonyaka ozayo sizoba ingxenye yalomcimbi futhi sibonga kasiphezi ukubona nathi sihlonisshwa ngezindondo okuwuphawu lokuhlonipha okusezingeni engeke ngikwazi ukulichaza kodwa ngithi akube kuhle konke makwande” ephetha.
Ngesikhathi iNgonyama idlulisa amazwi okubonga eNkosini uDK Ndlela ithe , Beluluhle kakhulu loluyasuku ngizwe ubumnandi ngoba vele nami ngikhule ngicula kanjalo nasenkonzweni ngihlabelela. Ingijabulisile into yokubona uNksz. Sheila Mhlongo ehlonipha bonke abantu ngokuhlukana kwamakhono abo nangeziphiwo zabo, sibonga nawe Ndabezitha Ndlela ngokusibeka ebalazweni makwande”.

