I-KZN Namuhla Community Newspaper ibe isixhumana nabanye babo abaphila ne-Albinism  njengoba njalo ngoSepthemba iNingizimu Afrika igubha iNyanga Yokuqhwashisa nge-Albinism, ukucwaswa, nokuvikela amalungelo abantu abangama-Albinism  abangaphansi kwe-iYITH’ABANTU ALBINISM ORGANISATION eManguzi  eyasungulwa uMnu. Sphiwe Manzini baziphendulele kanje:

UMsunguli we- YITH’ABANTU ALBINISM ORGANISATION  uMnu. Sphiwe Manzini  usho kanje,” Ziningi kakhulu izinkinga esibhekana nazo njengoba siphila ne-Albinism ukungaboni kahle esikoleni okugcina kwenza nezingane ziyeke isikole. Ukushoda ngezinhlangano eziqhakambisa amalungelo ethu njengoba saze sathatha isinqumo sokusungula eyethu Emhlabuyalingana ngoba bekumele size siye Ethekwini nokuyibanga eliqhelile kithi uma usuka emakhaya.

Uyabona eManguzi siningi kakhulu isibalo sabantu abanebala lethu abanye basakhula, sicela nabaxhasi basikhumbule nathi siyinhlangano engenzi nzuzo esemakhaya kanjalo nohulumeni wethu njengoba izinsiza kusebenza zishoda emtholampilo lokho kusenza sibe nenkinga enkulu esikhumbeni sethu ngoba asizwani nelanga. Njengoba kungene ihlobo nje sifisa ukuthola uxhaso ngezinto zokuvikela ilanga esikhumbeni sethu nakhu sekwande nomdlavuza wesikhumba kubantu abanebala lethu.

Siyafisa kakhulu ukusebenzisana nezinhlaka zikahulumeni asixhase uma senza imikhankaso sikwazi nokukhiqiza osomabhizinisi abazophuma ngaphansi kwenhlangano yethu esihlanganiswe yiyo ukuze nathi sikwazi ukudingida izinto ezibhekene nathi kanjalo nalabo abasebancane ukunathi nabo bazizwe benakiwe emiphakathini yasemakhaya ongafisa kusisiza siyatholakala WhatsApp / Call : 073 633 2060, Facebook: yithabantu.alb naku email: yithabantu.alb@gmail.com.”

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *