ZAMA MAJOLA
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola usekhulume ngokukhula kokukhathazeka ngohlelo luka-Operation Dudula kanye nezinhlangano ezifanayo ezivimbela abantu bangaphandle abangenazo izincwadi ukuthi bathole usizo lwezempilo lukahulumeni. UMasemola ukucacisile ukuthi alukho uphiko lwamaphoyisa oluzinikele kulezi zinhlangano, nokuthi uphiko lwePublic Order Policing (POP) luzongenelela kuphela uma kwenzeka kuphazamiseka umphakathi. “Abomthetho abakwazi ukuhlala bagade futhi belinde emtholampilo uma kwenzeka okuthile, banomsebenzi omningi okufanele bawenze. Kodwa uma nje kunenkinga, sizophendula” kusho uMasemola.
- Operation Dudula, eyethulwe kuzwelonke ngoJuni, ihlose ukuvimbela abantu bangaphandle abangenazo izincwadi ukuthi bathole ukwelashwa ezikhungweni zezempilo zikahulumeni. Le nhlangano ithi uhlelo lwezempilo lukahulumeni luthwele kanzima futhi kufanele lubeke phambili izakhamizi zaseNingizimu Afrika. Yize le nhlangano ivuse ukucasuka ezikhulwini zikahulumeni nezinhlangano ezilwela amalungelo abantu, amanye amalungu omphakathi azwakalise ukuyeseka. Isigameko sakamuva eLilian Ngoyi Clinic kwabonakala abesifazane abathathu be-Operation Dudula, abaneminyaka engu-49-60, bengena ewodini lababelethayo befuna iziguli ziveze umazisi, okudale ukuphazamiseka okukhulu nokucindezeleka. Abasebenzi neziguli babe sebekhiyelwa ilaba besifazane ewodini kwaze kwafika amaphoyisa. Laba besifazane baboshwa babekwa icala lokwephula uMthetho Wezempilo Kazwelonke, udlame emphakathini, namanye amacala, base bededelwa ngesexwayiso.
Ungoti wobugebengu uThabang Bogopa uchaze ukuthi ukudedelwa ngesexwayiso kusho ukuthi abasolwa bayabekwa icala kodwa banikezwe ibheyili yamahhala ngesikhathi kusacutshungulwa icala. UMasemola ugcizelele ukuthi amaphoyisa e-POP agcina ukuhleleka komphakathi emibuthanweni, emicimbini, nasemibhikishweni futhi azongenelela uma kubikwa ukuphazamiseka kwezempilo.

