ZAMA MAJOLA
NgoLwesihlanu, lo mhlaka 19 Septhemba 2025, UMphathiswa Wezobulungiswa kanye Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo, uMmamoloko Kubayi, uthe iKhomishini kaMadlanga iveza ukuzimisela kukahulumeni ekulweni nenkohlakalo nokwakha izikhungo eziqinile.
Ekhuluma emhlanganweni we-JCPS Cluster eNelson Mandela Foundation, uKubayi uchaze ukuthi le khomishini, eyaziwa ngokusemthethweni ngokuthi iKhomishini Yophenyo lwezobugebengu, ukungenelela kwezepolitiki nokukhwabanisa ohlelweni lwezobulungiswa, ihlose “ukuhlanza izikhungo nokwakha amandla kahulumeni.”
Uthe ngaphansi kweMedium-Term Development Plan, enye yezinto ezibalulekile wukwakha uhulumeni onamandla nowethembekile. “Ngemuva kwesikhathi sokudliwa kombuso, kudingeka sigcizelele ubuholi obuqotho,” kusho yena. Uphinde waveza ukuthi i-JCPS Cluster igxile ekulweni nobugebengu, inkohlakalo kanye nasekubuyiseni ukwethenjwa ngabantu nabatshalizimali. Izinyathelo zifaka ukuqeqeshwa kwamaphoyisa angu-10 000 amasha, ukusungulwa kwezikhungo ezingama-21 zokweseka abasha abahlukumezekile, kanye nokuguqulwa komthetho wezinqubo zobugebengu ukuze kuqiniswe izinqubo zedipho. Kwabezokuphepha emingceleni, uKubayi uphinde wagcizelela umsebenzi oqhubekayo weBorder Management Authority ne-Operation Corona ukuqinisekisa ukuphepha nokuhlukanisa phakathi kwabokufika abemthetho, abafuna indawo yokukhosela, nabangena ngokungemthetho.
“Ukulandelwa kweKhomishini kaMadlanga kuhambisana nokubonwa kweKhomishini kaZondo mayelana nokubhidlizwa kwezikhungo ezibalulekile futhi sizobika ngemizamo yokuzibuyisela,” kusho uKubayi.
Uthe kubalulekile ukwakha umphakathi ophephile lapho abantu bekwazi ukufinyelela ezobulungiswa futhi bekwazi ukwethemba uhlelo lwezomthetho. – SAnews.gov.za

