IMeya yeTheku inikele ngezindlu ezintsha eNanda

ZAMA MAJOLA

Njengengxenye yemizamo eqhubekayo yokubuyisa isithunzi nokuletha ithemba ezakhamuzini, iMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba unikeze imindeni emibili izindlu ezivuselelwe kabusha eWard 55, eNanda ngoLwesibili lo mhlaka-5 ku-Agasti. UMasipala ulungise izindlu ezakhiwa ngaphambi kuka-1994 zaba namaphutha zabeka engcupheni izimpilo zabantu abahlala kuzo. Umndeni wakwaXaba nowakwaShozi bajabule kakhulu ngesikhathi bemukela okhiye bezindlu zabo ezintsha.
 
Umnikazi womuzi, uMnu. Khaya Xaba, uthe usebheke ngabomvu isiqalo esisha wazwakalisa ukubonga kuMasipala. “Umuzi wami omdala ubuvele ukhombisa izimpawu zokulimala kwezindonga njengoba kunezikhukhula ebezilokhu ziqubuka zenze isimo saba sibi kakhulu, kwagcina kungaphephile ukuqhubeka nokuhlala kuyo,” kusho uXaba.  Emuva kokunikeza abantu izindlu, iMeya uXaba iqhubekile nokwethula umgwaqo osuguquliwe ekubeni wubhuqu waba ukhonkolo phecelezi itiyela. Kuthathe imali engango-R3.8 million ukulungisa lo mgwaqo. Ukulungiswa kwalo mgwaqo kuzosiza kakhulu emiphakathini njengoba bekubanzima ukuwusebenzisa uma belikade lina.
 
Ikhuluma nomphakathi, iMeya uXaba ikhumbuze izakhamizi zaseNanda ukuthi bazokwazi ukuletha izidingongqangi ezifana namanzi nogesi kuphela uma izakhamizi zizikhokhela lezi zinsiza.    “Ukuze sihlinzeke ngokwanele lezi zidingongqangi, sidinga ukuthi nikhokhe ukuze nathi sikhokhele izinhlaka ezifana no-Eskom noMngeni-uThukela Water, ngaphezu kwalokho sisebenzisa zona lezi zinsiza ukulungisa ingqalasizinda ephukile okubalwa amapayipi amanzi, izintambo zikagesi kanye nokulungisa imigwaqo,” kwengeza iMeya uXaba.

Ephendula ngezinselelo zamanzi eziqhubekayo kule ndawo, uMeya uXaba uqinisekise umphakathi ukuthi uyaqhubeka umsebenzi wokushintsha amapayipi amanzi. Uthe uMngeni-uThukela Water kanye noMasipala bamatasa nokulungisa okuzokwenza ngcono ukutholakala kwamanzi kule ndawo. UXaba unxuse umphakathi ukuthi usebenzisane noMasipala ukuqinisekisa ukuthi uyayinakekela ingqalasizinda futhi ubike ngokuxhunywa kwamanzi nogesi ngokungemthetho.   “Uma sisebenza ngokubambisana sizosibona isabelomali sethu  sisebenzela thina sonke futhi sandise nezinhlelo zokulethwa kwezidingo kubantu,” usho kanje.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *