I-DA ithi izimisele ukusiza omasipala abangenzi kahle

ZAMA MAJOLA

DA ithi izimisele ukusebenzisana nanoma iyiphi inhlangano ukuthuthukisa omasipala abangenzi kahle ezweni lonke. Lesi sitatimende silandele emuva kwamazwi kaMengameli we-ANC, uMnu. Cyril Ramaphosa, emakhanseleni eqembu lapho eveze khona uhlelo lokuhlinzekwa kwezidingongqangi olwamukelwa emhlanganweni we-National Executive Committee.

URamaphosa wadlulisa ukuthi amakhansela e-DA asebenza kanzima ukuletha izinsiza ezingcono kuzo zonke  izakhamuzi, yingakho omasipala abaphethwe yi-DA benza kahle kakhulu. I-DA isebenzela ukudala amathuba emisebenzi, ukuqeda inkohlakalo, ukunqanda ubugebengu kanye nokuletha izinsiza ezingcono. URamaphosa uvumile ukuthi omasipala namadolobhana aphethwe kahle kuleli yilabo abaphethwe yi-DA. Okhulumela i-DA  uWillie Aucamp uthe umsebenzi wabo wukusebenzela umphakathi.

“Uma singafaka isandla kunoma yimuphi omunye umasipala lapho noma iyiphi inhlangano ibusa khona ukuze sisize ngokuhlinzekwa kwezidingo kulabo masipala, sizokwenza njalo. Sizokujabulela ukusebenzisana nanoma ngubani ukuthuthukisa ukulethwa kwezidingo kuwo wonke umuntu waseNingizimu Afrika”

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *