ISilo sinxuse amalunga eNdlunkulu kaZulu ukuthi amukele ubumbano nokubuyisana

ZAMA MAJOLA

ISilo uMisuzulu kaZwelithini inxuse ubumbano emva kokunqoba i-SCA (Supreme Court of Appeal). Inkantolo enkulu yokudluliselwa kwamacala ivune uMisuzulu, yaphakamisa isikhundla sakhe njengenkosi efanele yesizwe samaZulu.

Impi yombango wesihlalo sobukhosi yaqala ngoMashi 2021, ngemuva kokushona kukayise kaMisuzulu, iSilo uZwelithini, nokudlula emhlabeni kukanina owaqokwa esikhundleni, iNdlovukazi uMatfombi ngemuva kwenyanga. UMisuzulu wabe eseqokwa yiNdlunkulu kaZulu njengeSilo esisha kodwa amanye amalungu asebukhosini akuphikisa lokhu. Okhulumela uMisuzulu uMntwana uThulani Zulu uthe, iSilo sisamukele isinqumo se-SCA . “ Lesi akusona isikhathi sokubungaza noma sokwehlukana, sekuyisikhathi sokuthi umndeni uhlangane ukuze uphulukise futhi uqhubeke nokusebenzela isizwe samaZulu ngokuzithoba nangenhloso ngaphansi kobukhosi” kusho iSilo uMisizulu.

Ugcizelele nokuthi umndeni wasebukhosi bakwaZulu kanye nesigungu soMbuso kaZulu bazoqhubeka nokuqinisa ukubusa kwendabuko, ukuthuthukisa imiphakathi, nokugcina amagugu anothile namasiko esizwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *