ZAMA MAJOLA
Amaphoyisa, izikhulu zoMnyango wezaseKhaya, nomasipala bagasele amabhizinisi aku-Dr Pixley Ka-Seme Street, babopha inqwaba yabantu bangaphandle okukholakala ukuthi abanazo izincwadi. Amabhokisi kagwayi ongekho emthethweni athathwe esitolo esisodwa kanye nesamba semali esingadalulwanga. Izikhulu ziphinde zathola ukudla osekuphelelwe yisikhathi emashalofini. UNtuli uthe ubuthakathaka obunjalo benza kube nzima ukulawula ubugebengu nokuvikela amabhizinisi asemthethweni asebenza edolobheni.
Lokhu kugasela kube umsebenzi oyimpumelelo ngoba bakwazile ukuthola abantu bokufika abangenazo izincwadi abangu-21. Bakwazi ukuvala izitolo ebezisebenza ngaphandle kwezimvume noma kunalokho benezimvume eseziphelelwe yisikhathi, kwatholakala nenqwaba yezimpahla eseziphelelwe yisikhathi. UNdunankulu ube esenxusa amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni ukulawula abantu bokufika. Kungebona bodwa abenza okungekho emthethweni kodwa kulawulwe wonke umuntu owenza okuphambene nomthetho.

