I-SADAG yethula inkundla yokweseka othisha mahhala ku-inthanethi

ZAMA MAJOLA

IQembu LaseNingizimu Afrika Lokudangala Nokukhathazeka lethula inkundla yamahhala yokweseka othisha elibizwa nge ‘GoGreen4MentalHealth’. I-South African Depression and Anxiety Group ithi le nkundla abayenze ku-inthanethi ekanoma ubani emkhakheni wezemfundo waseNingizimu Afrika obhekene nokukhathazeka, ukutubeka noma ukucindezeleka. Badlulise ukuthi sikhulu kakhulu isidingo sokwesekwa ngokwengqondo kulo mkhakha. 

Ucwaningo lwakamuva lwaseNyuvesi yaseStellenbosch luthole ukuthi ingxenye yothisha abangu-1 500 ababuzwayo bacabanga ukushiya lo mkhakha eminyakeni engu-10 ezayo. Babalule ukukhathala kwengaphakathi, umsebenzi omningi kanye nokungasekwa ezintweni eziningi. OyiProject Manager kwaSADAG kwezemfundo, uRoshni Parbhoo-Seetha, uthi ukusekelwa kothisha kubalulekile ukuze kwakhiwe izikole nabafundi abangcono.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *