ZAMA MAJOLA
IPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt. Joe Phaahla, usencome imijovo ezosebenza isikhathi eside efana neLenacapavir njengento ekulungele ukuguqula ukuvikela igciwane lengculazi. INingizimu Afrika ithole isibonelelo sika-R520-million esivela ku-Global Fund ukuze kuzosizwa ukulwa ne-Aids, TB kanye nomalaleveva. I-Lenacapavir, umjovo oqukethe izidambisigciwane, ingelinye lamathuluzi athembisayo okwamanje emzabalazweni wokuqeda ingculaza. Idatha evela ezivivinyweni ezimbili ezinkulu ezikhishwe ngonyaka odlule ibonise ukuthi inikeza isivikelo esicishe siphelele ekuthelelekeni nge-HIV kwamanye amaqembu asengozini kakhulu okubalwa kuwo abesifazane abasebasha, amadoda aya ocansini namadoda, abathengisa ngocansi kanye nabantu abashintsha ubulili. UPhaahla ubekhuluma engqungqutheleni ye-AIDS kaZwelonke yaseNingizimu Afrika ka-2025. Lengqungquthela ihlanganise abaholi, abacwaningi, ababambisene nabo, izifundiswa kanye nabameli baseNingizimu Afrika, izwekazi kanye namanye amazwe ukuze kubhekwane nesimo esithuthukayo sokulwa ne-HIV.
UPhaahla ube esebonga i-Global Fund kanye nabanye ababambisene nabo ngokukhetha iNingizimu Afrika njengelinye lamazwe asheshe amukela ukuqaliswa kwe-Lenacapavir njengenketho ye-pre-exposure prophylaxis (PrEP). Amaphilisi nemijovo ye-Lenacapavir ingasetshenziswa njenge-pre-exposure prophylaxis (PrEP) ukusiza ukwehlisa ingozi yokutheleleka nge-HIV kubantu abangenayo i-HIV. UPhaahla uthe izifundo kanye neziqondiso zochwepheshe zikhombisa ukuthi ukutshala imali ezinhlelweni ezihlanganisiwe zokuvikela i-HIV kuyindlela engabizi kakhulu futhi ephumelelayo yokunciphisa ukutheleleka okusha nokuxhumanisa abantu nokunakekelwa okuphelele.

