Angibingelele kwelikaMthaniya, Sizwe sakithi nanka amazwi angemnandi kodwa ekugcineni inhloso yawo ukufundisa umuntu ukubona amaphutha ebese ewalungisa.
Unyaka uphelile bafowethu nodadewethu yini ongayikhomba ukuthi uyenzile kulonyaka nawe ongaziqhenya ngayo? Mangabe ikhona ziqhenye ngayo ungesabi muntu noma ngabe ibukeka incane akufani nongakenzi lutho, ikakhulu laba abanamatoho abavukela kuwo nsukuzonke, uma wehluleke ukwenza into eyodwa ebonakalayo ube bewulibelwe ubumnandi bempilo neziphuzo qaphela ungadluleli onyakeni ozayo nalelophutha. Buka impilo yakho kusukela ekuqaleni konyaka kuzofika manje ebese wonke amaphutha owenzile aphenduke isifundo uqinisekise ukuthi awuphindi uwele kuleyomigodi onyakeni ozayo.
Obhalayo uKatlego Nare

