U-Apostle ND Dlamini uhlonishwe ngeLife Time Achiever  ngemisebenzi yakhe ayenzela isizwe

UDABA  NEZITHOMBE LUTHUNYELWE: REV VUSUMUZI KUNENE

UDktl. Apostle ND Dlamini ungowesifazane  obambe iqhaza emikhakheni eyahlukene kwezobuholi kanye nokusebenzela isizwe uhlonishiwe emcimbini wama- Awards obusesifundeni sase Majuba KwaZulu-Natali. U Apostle ND Dlamini waziwa njengomuntu wesifazane okhuthaza abanye ukuba bangene ebuholini bengasabi nhlobo, Uhole ama clinic amahlanu i KwaZulu-Natal Yonkana waphinde wabakwezepolitiki engusekela sihlalo kumaqembu ahlukene kuleminyaka eyandlule, u Apostle  uphinde abe ngumsunguli webandla elikhona esifundeni sasemajuba District namaphethelo.

Indodo yokumhlonipha yethulwe ngu 1st Lady wase Majuba District u Mrs Mthembu ongunkosikazi ka Mayor wase Majuba District Municipality – Cllr Lihle Mthembu, Ukuveza kwasobala kuba ufisa ukuba bande abantu baloluhlobo njengoba kubonakele kuba impela imbokodo inamandla futhi ingaba kunomayimuphi umkhakha ukuthuthukisa isizwe.

Sithi Halala ku Dktl. Apostle ND Dlamini ngokufumana indondo enkulu kangaka yokuhlonishwa ngaloluhlobo.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *