ISimangaliso Wetland Park silungiselele isizini yamaholidi

ZAMA MAJOLA

ISimangaliso Wetland Park ithe isimi ngomumo ukwamukela izinkulungwane zezivakashi ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi. Isikhulu esiphezulu uMnu. Sibusiso Bukhosini sithe lesi siqiwu siqinise ukubambisana nabaholi bendabuko kanye nemiphakathi yasendaweni ukusiza ukuphatha ukuphepha kwezivakashi nokuvikela imvelo. Uthe babone ukwehla kwesibalo sabantu abaminzayo selokhu kwaqalwa imithetho eqinile yokuphepha emabhishi nasezindaweni zokubhukuda zomphakathi. Uthe izinombolo zabahlengi ogwini zizothuthukiswa ngesikhathi samaholidi amatasatasa.

UBukhosini uthe bajwayele ukubona ukwanda kwezenzo ezingekho emthethweni ezifana nokuzingelwa ngokungemthetho ngesikhathi samaholidi, yingakho beqinisa izinhlelo zabo zokuqapha. “Uzoqaphela ku-N2 kukhona amakhamera emzileni, kanjalo nakuRoute 22 osuka eHluhluwe. Sixhase amakhamera akhona, lapho sisebenzise khona imali elinganiselwa ku-R2.5 million futhi sibona eminye imizila ifakelwe amakhamera. Lokhu  kuwuphawu lokuthi sizibophezele ekuphepheni kwezivakashi zethu” engeza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *