
SHEILA MHLONGO
UMengameli uCyril Ramaphosa ufake izimpendulo zakhe eKomidini lePhalamende le-Ad Hoc eliphenya ngezinsolo ezethulwe nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi.
Leli komidi lasungulwa ngonyaka odlule kulandela izinsolo ezavezwa uMkhwanazi ngesikhathi senkomfa yabezindaba, lapho wabekhuluma khona, phakathi kokunye, ngenhlangano yezigebengu okusolwa ukuthi isingene emaphoyiseni nasezinsizeni zobunhloli, kanye nezinsolo zokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu wasebenzisana nezigebengu ekuqedeni ithimba eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
“Ukufakwa kwezimpendulo kukaMengameli uRamaphosa kukhombisa ukweseka kwakhe inqubo yePhalamende, kuhlanganisa nokuqinisekisa ukuthi leli komidi lithola lonke ulwazi oludingekayo ukuze lenze umsebenzi walo ngendlela efanele.
“UMengameli uzibophezele ngokusobala nasekubonakaleni kwezinto, futhi uyakwemukela ukubhekwa nokuhlolwa kwePhalamende emsebenzini kahulumeni, njengengxenye yezinqubo zentando yeningi ezilawula izwe,” kusho iHhovisi likaMengameli esitatimendeni esifushane ngoLwesibili.
Khonamanjalo, uMkhwanazi uphinde wavela phambi kwaleli komidi ngoLwesithathu, lomhlaka 18 Mashi 2026. SAnews.gov.za

