
Londiwe Mthethwa
UMaspala weTheku uzwakalise ukuba nethemba lokuba kuzonyuka izinga lokuphasa ezikoleni zamabanga aphakame ngohlelo lwabo olusha olubizwa nge ‘Take a child to work” obeluhanjelwe izinkumbi zabafundi kanye nabothisha bezikole ezingu- 11, kubalwa kuzo nesikole sabakhubazekile ezingaphansi kwaMaspala wetheku e City Hall, ngesonto eledlule eThekwini.
Loluhlelo inhloso yalo okungukusimamisa abafundi abasuka ezikoleni ezisemakhaya nalezo ezintulayo ubuhanjelwe abafundi abalinganiselwa ku- 250 kusukela emabangeni esishiyagalombili kuya kweleshuminambili phecelezi, uMatikuletsheni. Phakathi kwezikole ebezihambele lomcimbi kubalwa I Ziphathele high school, Umkhumbi high school, iVuyiswa Mtolo high school, iVikingozi high school kanye Folweni high school, nezinye nezinye.
NgokukaMaspala enye inhloso yaloluhlelo ukusiza abafundi abasuka emakhayeni antulayo ukuthi bakwazi ukukhetha izifundo nemisebenzi ngendlela engcono futhi kubuye kusizwe ukuvala igebe phakathi kwesikole namakhono adingwa idolobha njengamanje.
“Abafundi abaningi abazi ukuthi kunamathuba emisebenzi amaningi kangakananii lapha kaMaspala, izifundo abazikhethayo ezikoleni nazo ziyaba nomthelela okuholela ezingeni eliphezulu lokungasebenzi. Njengedolobha laseThekwini siyakuqonda ukuba kunezikole ezikude kakhulu nedolobha okudala ukuba kubenzima ukuba abazali babalethe edolobheni ukubakhombisa zonke izindlela ekwenzeka ngazo emisebenzini yingakho singenelela njengoMaspala ukuvala lelogebe,’ Kubeka u Khansela Nkosenhle Madlala, ongusihlalo wekomidi lezokuphatha nokuthuthukiswa kuMaspala weTheku.
Eqhubeka echaza uthe loluhlelo njengoba kungokokuqala lwenziwa, lusazoqhubeka futhi isifiso sabo eskhulu ukugqugquzela abafundi ukuze nabo babe nekusasa eliqhakazile bakwazi ukushintsha izimo zamakhaya abo ngokukhetha kahle izifundo kanye nemisebenzi njengoba nomhlaba ushintshashintsha ngokwezobuchwepheshe.
U Xola Sithole ongumfundi oqhamuka endaweni yaseMaphephetheni eNanda eskoleni iKhamanga high school, uthe yena kusho lukhulu kakhulu ukuba yingxenye yaloluhlelo uphinde wabalula ukuthi njengoba efisa ukuba nguMmeli unethemba lokuba loluhlelo luzomsiza ukuba aqonde kabanzi ngomkhakha afisa ukuwthatha.
Bekulungiselwe ukuba laba bafundi bazongena phakathi eminyangweni ehlukenee ezindlini zikaMaspala lapho abasebenzi bakhona bazobe beba qeqesha ngokwezifundo abazenzayo kanye nemikhakha yemisebenzi abafisa ukuyithatha kusasa.

