
Lesi sitatimende siqinisekisa ukuthi uMnu Sipho “ES” Mbatha, obeyikhansela kuMasipala Wesifunda iKing Cetshwayo, uxoshiwe eqenjini le-Inkatha Freedom Party ngokwemigomo yeSigaba 11.10 soMthethosisekelo we-IFP.
Esikhathini esedlule, uMkhandlu Kazwelonke uthole izinsolo ezahlukene ezibhekiswe kuMnu Mbatha, okubalwa kuzo ukusolwa ngokukhokhisa abantu imali ngokungemthetho, eziveza njengokuthi usebenza egameni leqembu.
Emhlanganweni Okhethekile woMkhandlu Kazwelonke obubanjwe ngoMsombuluko, mhlaka 4 kuMeyi 2026, kwathathwa isinqumo ngazwilinye sokuthi uMnu Mbatha axoshwe eqenjini futhi asuswe esikhundleni sakhe njengeKhansela le-IFP PR kuMasipala Wesifunda iKing Cetshwayo.
Amalungu omphakathi ayaxwayiswa ngalobu bugebengu obusolwa bokukhwabanisa nokukhokhisa abantu imali obuhlotshaniswa noMnu Mbatha. Noma yiziphi izenzo ezinjalo, ezedlule noma eziqhubekayo, azigunyaziwe yiqembu.
Sikhishwe ngu:
Mhlonishwa Mkhuleko Hlengwa
Okhulumela i-IFP kuZwelonke

