
Amabhasi abezolanda abanye baseMalawi abebelinde eDurban Drive In Site eThekwini
UHulumeni ususedlulise amabhasi angaphezu kuka-500 njengengxenye yohlelo lokubuyisela izinkulungwane zabantu emazweni abo, kusho uNgqongqoshe WezaseKhaya uDkt. Leon Schreiber.
“Mayelana nohlelo lokubuyiselwa kwabantu emazweni abo, sesibuyisele abantu abangaphezu kuka-30 000 abavela eThekwini kuphela. Isibalo sakamuva samabhasi acutshungulwe uhulumeni singu-525, okusho ukuthi sesibuyisele ngempumelelo amashumi ezinkulungwane zabantu emazweni abo,” kusho uNgqongqoshe.
USchreiber, ophinde abe yilungu leKomidi loNgqongqoshe (Inter-Ministerial Committee – IMC) elibhekelele ezokufuduka, uvakashele isikhumulo somngcele saseBeitbridge eMusina ngoLwesithathu.
“Lona ngumsebenzi omkhulu kakhulu. Kuyamangaza ukubona ukuthi sikwazile kanjani ukuwufeza njenge-IMC ngokusebenza ngokuhlanganyela. Esikwenzile ukuthi esikhundleni sokuba nezindawo eziningi ezahlukene ezweni lonke lapho abantu becutshungulwa khona uMnyango WezaseKhaya kanye neSAPS, sakhe indawo eyodwa lapho bonke bengaya khona, enokuvikeleka futhi ihlanganisa yonke iminyango kahulumeni edingekayo endaweni eyodwa,” kusho uSchreiber.
Ekhuluma nabezindaba, uNgqongqoshe uchaze ukuthi lolu hlelo luyinkimbinkimbi.
“Lona ngumsebenzi omkhulu wokuhlela nokuphatha, futhi sesiwudlulisele wonke eMusina. Njengamanje, kusenezinkulungwane ezingaba ngu-4 000 zabantu abaseShowgrounds. Inhloso yethu ukuqedela ukucutshungulwa kwabo, bese bonke abafikayo abasha bedluliselwa esikhungweni sesikhashana sokubuyiselwa kwabantu emazweni abo esakhiwe uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nezingqalasizinda. Ngivakashele zombili lezi zindawo ekuqaleni kosuku,” kusho yena.
USchreiber uthe lezi zindawo zinikeza isimo esingcono nesihlonipha isithunzi sabantu.
“Sizoba nezindlu zangasese, amanzi, ukudla kanye nazo zonke izinhlelo zokucutshungulwa kwabantu endaweni eyodwa. Umlayezo uthi umsebenzi uyaqhubeka,” kusho yena.
Ukuvakasha kukaNgqongqoshe kulandela imibhikisho ebihleliwe ezweni lonke ebingoLwesibili, mhla zingama-30 kuNhlangulana.
Ekuqaleni kwaleli sonto, uhulumeni uqinisekise izakhamuzi ukuthi ulawula udaba lokufuduka ngenkuthalo ngokusebenzisa izindlela ezisemthethweni, ezihlelelekile nezihambisana noMthethosisekelo.
“Inhloso yethu icacile: ukwakha iNingizimu Afrika lapho imithetho yezokufika ihlonishwa futhi iphoqelelwa, lapho imingcele ivikelekile, imiphakathi iphephile, amabhizinisi encintisana ngokulingana, futhi lapho isithunzi sobuntu kanye nezimiso zoMthethosisekelo kugcinwa futhi kuhlonishwa,” kusho isitatimende esikhishwe yi-IMC.– SAnews.gov.za
Top of Form
Bottom of Form

