
IMadlanga Commision eyelulelwe isikhathi sokwethula umbiko wayo
SHEILA MHLONGO
UMengameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa, uselule isikhathi sokwethulwa kombiko wokugcina weKhomishini YoPhenyo ephenya ubugebengu, ukungenelela kwezepolitiki kanye nenkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa, eyaziwa ngeKhomishini kaMadlanga.
Le Khomishini manje isizokwethula umbiko wayo wokugcina ngoMsombuluko, mhla ziyi-16 kuLwezi 2026, esikhundleni sokuwethula ekupheleni kukaNcwaba njengoba bekuhleliwe ekuqaleni.
Esitatimendeni esikhishwe yiHhovisi likaMengameli kuthiwe:
“Isandiso esigunyazwe uMengameli sibeka umnqamulajuqu wokwethulwa kobufakazi ngoLwesihlanu, mhla zi-2 kuMfumfu 2026, bese umbiko wokugcina wethulwa ngoMsombuluko, mhla ziyi-16 kuLwezi 2026. Lokhu kuzovumela iKhomishini ukuthi iqede ngokuphelele zonke izindaba esezivuliwe phakathi nokuqulwa kobufakazi kuze kube manje.”
Lesi sandiso sizophinde sinike iKhomishini ithuba lokulalela bonke ubufakazi obuphathelene nezindaba ezibekwe ngaphansi kwemibandela yayo yokusebenza (Terms of Reference). Ngaphandle kwalesi sandiso, izingxenye eziningi zomsebenzi wayo bezingeke ziphothulwe.
IKhomishini yasungulwa ukuze iphenye izinsolo ezavezwa nguKhomishana WamaPhoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natali, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, mhla ziyisi-6 kuJulayi 2025, eziphathelene nobugebengu, ukungenelela kwezepolitiki kanye nenkohlakalo ngaphakathi kohlelo lwezobulungiswa.
Kuze kube manje, iKhomishini isivele yethule imibiko emibili yesikhashana kuMengameli uRamaphosa.
Esitatimendeni, uMengameli uphinde waveza ukubonga kwakhe ngomsebenzi owenziwa yiKhomishini kanye nendlela izinhlaka zezomthetho eziqhubeka ngayo nokulandela ubufakazi obuvele ngesikhathi sokuqulwa kwamacala yiKhomishini.
“UMengameli Ramaphosa uphinde wazwakalisa ukubonga okukhulu ngomsebenzi owenziwa yiKhomishini kanye nendlela izinhlaka eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho eziqhubeka ngayo nokuphenya ubufakazi obuphuma ezinqubweni zokulalelwa kweKhomishini,” kusho isitatimende.– SAnews.gov.za

