SHEILA MHLONGO
Ekugcineni emva komzukuzuku kugcine kukhishiwe amaJaji amabili ezikhundleni zawo okungo John Mandlakhe Hlophe kanye no Nkola Motata. Lokhu kuza emuva kwesimemezelo sikaMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa esikhishwe ngolwesine lomhlaka 7 Mashi 2024, ngenxa yesinqumo esathathwa iPhalamende ukuthi bagudluzwe ezikhundleni zabo.
Ngokusho kwesitatimende esikhishelwe abezindaba ngoLwesine lomhlaka 7 Mashi. Sithi uMengameli, uthi umthethosisekelo walelizwe uyalela ukuthi iJaji lingagudluzwa esikhundleni salo, inqobo nje, uma iJudicial Service Commission ithola ukuthi iJaji aliziphathanga kahle emsebenzini walo, noma alenzanga kahle umsebenzi walo ngaleyondlela iPhalamende lingalikhipha lisebenzisa ivoti leningi lamalunga alo elingu two third.
Isitatimende siqhuba ngokuthi uMengameli ukhiphe uJaji President Mandlakayise Hlophe wase Western Cape Division of the High Court emva kokuthi iPhalamende lithathe isinqumo sokugudluza uJaji Hlophe njengokulandela isigaba somthetho 177 (1) (b) oqukethwe kumthethosisekelo. Kanti abalelwa ku 303 amalunga ePhalamende avotele ukukhipha uHlophe esikhundleni sakhe.
Umbiko uthi iJudicial Service Commission yadlulisela udaba ePhalamende emva kokuthi iJudicial Conduct Tribunal (JCT) ithole ukuthi uHlophe wephule umthetho wesigatshana 165 okumthethosisekelo, lokhu uHlophe asolwa ngokuthi wazama ukufaka umqondo wokuthi amaJaji amabili ephule isifungo somsebenzi wawo.Lokhu okuyinto ephambene nomthetho wokusebenza kwamaJaji lapho kubhekeke ukuthi akwazi ukusebenza ngokuzimela kanye nangokwethembeka. Nokho imizamo kaHlophe yokuthi angakhishwa esikhundleni sakhe igcine ibhuntshile, nakuba eke wazama ukuzivikela kulezizinsolo ngokuthi yena umsulwa futhi wayemane


