
Ngiyabingelela kwelengabade , bantu bakithi nasi iseluleko esifunshane , niboqaphela ningahlali endaweni enizizwa ningajabulile kuyo ngoba nenzela abantu . Injabulo yakho njengomuntu ibalulekile futhi nokukhululeka kwakho kubalulekile . Makungabibikho into ekuphoqa ukuhlala kuyona noma uzizwa uhlukumezekile , kungaba yisonto noma yinhlangano yezepolitiki uma nje uzizwa ungamukelekile lapho shesha uphume ungakaze utholwe ukucindezeleka ngokomqondo . Ukungajabuli komoya wakho nengaphakathi lakho kudala ukucindezeleka ngokomqondo .
Obhalayo Umfundisi Katlego Nare

