
OWAMI THABETHE
Angeke sisafana isimo emitholampilo esezindaweni zasemakhaya eMbumbulu njengoba uPhiko Lwezempilo kuMasipala weTheku luthole imoto yesimanjemanje ezosetshenziswa njengomtholampilo ongumahamba nendlwane enikezelwa ngabakwaToyota
Loluhlobo lwemoto yakwa Toyota iHilux single cab 4×4 iguqulwe yaba nezidingo zomtholampilo ezosiza umphakathi wasemakhaya eMdumezulu ku-ward 105 naseMadundube ku-ward 100 eMbumbulu. Obhekene Izingqinamba okubalwa imigwaqo emibi kanye nokuhamba ibanga elide beya emtholampilo.
Le moto izoba usizo olukhulu njengoba inezinto zesimanjemanje ezihlanganisa, ithangi lamanzi ahlanzekile eziguli, iWifi, ama-solar panel, umbhede , i-microwave, ifriji kanye newindi lesevisi. Imoto iqhamuke ngemuva kokuhlonzwa kwezingqinamba ezilethe ubunzima kubantu abahlala eMbumbulu uma kumele bathole usizo lwezempilo.
UMengameli wakwaToyota SA u-Andrew Kirby, uthe imoto ihlolwe emigwaqweni ewubhuqu ukuze kubonakale ukuthi iyahambisana yini nesimo sezulu esibi ngaphambi kokuthi idluliswe.Waqhuba wathi lomcimbi ububalulekile kakhulu kubona ukuthi bakwazi ukufaka isandla ngendlela ephusile emiphakathini yethu.
IMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, owamukele le moto egameni loMkhandlu, ufanise lesisenzo sakwaToyota nesihambisana nemigomo kaNelson Mandela ayeyifisa.
“Sijabule njengoMkhandlu ukuthi kwaToyota bangene bezosisiza ekuhlinzekeni ngosizo lwezempilo olusezingeni eliphezulu kubantu baseMbumbulu. Singaphumelela njengesizwe uma siqhubeka nokwakha ubudlelwano obunje nezinkampani ezizimele,” kusho uXaba.

