
OWAMI THABETHE
UMasipala weTheku uxwayisa izakhamizi zaseThekwini namaphethelo ngezigila mkhuba ezizenza abasebenzi babo beqola abantu.Uphiko lukagesi eDolobheni luthole imibiko ngemizamo yokuqola abahlali imali.
Kufike ezindlebeni zabo ukuthi kuthintwa amakhasimende atshelwe ukuthi ama-akhawunti awo kamasipala ayakweleta. Laba abazenza uMasipala basongela ukunqamula izintambo zikagesi kwizakhamizi ezinqaba ukukhokha ngokushesha ngaleyo ndlela bezama ukuphoqa izakhamuzi ukuba zibanikeze ulwazi lwezezimali zabo noma zikhokhe ngokuqondile kuzo.
UMasipala ugqugquzela izakhamuzi ukuthi zibheke noma yiziphi izitatimende ezishiwo yinoma ngubani othi zingabasebenzi bakamasipala futhi ziqaphele umkhonyovu onjalo.
Labo abathola izingcingo ezingajwayelekile bayakhuthazwa ukuthi babike lezi zigameko ngokushesha ophikweni lweCity Integrity and Investigations Unit. UMasipala uphansi phezulu usebenzisana nabomthetho ukuthola lezigila mkhuba nokuvikela izakhamizi ukuba zingabi izisulu zalezigebengu.
UMasipala ube usudlulisa umyalezo kumakhasimende ukuthi abasebenzi bakaMasipala abasemthethweni abasoze bafune ukukhokhelwa ngokushesha ngocingo noma basabise ukunqanyulwa ngaphandle kwesaziso . Izakhamizi zikhuthazwa ukuthi zibhekisise noma yiziphi izicelo ezenziwa abantu abathi bangabasebenzi bakaMasipala futhi zihlale ziqaphe imikhonyovu engase ibe khona.

