Kushaqwe utshwala obungekho emthethweni ngenkathi kuqhubeka umkhankaso wokulwa nobugebengu uholwa ngabesifazane                                               

UNGQONGQOSHE wezokuThutha nokuHlaliswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, ujoyine umkhankaso wokulwa nobugebengu obuholwa ngabesifazane. Isithombe: The Mercury

OWAMI THABETHE

 UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, mhla zingu 10 ku Agasti ujoyine umkhankaso wokulwa nobugebengu obuholwa ngabesifazane njengokugubha Usuku Lwabesifazane. Lomkhankaso ubugxile ezimotweni ezitheleka esifundazweni zisuka eSwatini, eMozambique, esifundazweni saseMpumalanga  kanye nakwezinye izindawo.

UDuma uthe lokhu abakwenzile besebenzisana namaphoyisa ezinhlaka ezehlukene kusho ukuqala komkhankaso oqinile futhi ozophumelela okuyingxenye yokulwa nobugebengu obuwela imingcele

Zingaphezu kuka-127 izimoto eziseshiwe ngamaphoyisa esekwa ngamalungu eSA National Defence Force, okuhlanganisa notshwala obungekho emthethweni obushushumbiswe buphuma ezweni elingumakhelwane iMozambique.

UDuma uthe babalelwa ku-18 abokufika abangenazo izincwadi ezibanjiwe bavalelwa.

NgokoMnyango wezokuThutha esifundazweni, ngonyaka odlule nje kuphela izimoto ezilinganiselwa ku-30 ngenyanga zebiwa zathathwa eNingizimu Afrika ngokungemthetho zayiswa eMozambique. Le ndawo ikhungethwe ubugebengu obunqamula imingcele osebugcwele ukudunwa kwezimoto, ukugetshengwa nokubulala.

Lo mkhankaso obungoMgqibelo  odlule ububandakanya izinhlaka eziningi okubalwa kuzo uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, iRoad Traffic Inspectorate; Isikhungo Sezokuthutha Ezinqamula Umngcele (C-BRTA); uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika; i-SANDF; Izikhulu zikaMasipala wesiFunda uMkhanyakude; kanye Nophiko Lomnyango Wezasekhaya Lokuthuthela kwelinye izwe.

2 thoughts on “Kushaqwe utshwala obungekho emthethweni ngenkathi kuqhubeka umkhankaso wokulwa nobugebengu uholwa ngabesifazane                                               

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *