Umbiko we-HSRC udalula ukushoda kokudla kakhulu ezifundeni ezintathu eKZN

OWAMI THABETHE

I-SA Human Sciences Research Council (HSRC) iveze ukuthi likhuphukile kakhulu izinga lokushoda kokudla ezifundeni zoMasipala baKwaZulu-Natali  iZululand, uMkhanyakude noMzinyathi.

Umbiko ukhishwe ngoLwesibili mhlaka 20 Agasti engqungqutheleni ye-KZN Agricultural Extension Indaba 2024 e-Olive Convention Centre eThekwini, kanti ihanjelwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli, noNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zasemakhaya uThembeni Madlopha-Mthethwa.

Ngokusho kukaSolwazi Thokozani Simelane we-HSRC, ophinde abe ngumcwaningi omkhulu walo mbiko, ukushoda kokudla kudlange kakhulu esifundeni saseZululand lapho u-35% wemizi ibintula kakhulu ukudla; uMkhanyakude ngo-17.1%; kanti uMzinyathi ngo-4.3%.

“Umbiko wethu ukhombisa ukuthi isimo sibi kakhulu emndenini ngenxa yezinga eliphezulu labantu abangasebenzi esifundazweni nasezweni lonke. Ngenxa yalokhu kuncike kakhulu kwizibonelelo zikahulumeni njengendlela yokuthola ukudla ngoba abantu, ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya, abasasebenzi kwezolimo”, kuchaza uSolwazi Simelane

Umbiko uthe kunesidingo sokwandisa umkhiqizo wezolimo esifundeni ngasinye ngokugxila ekukhiqizeni ukudla kanye nokutshalwa kwezimali kwezolimo.

Lo mbiko uphinde waveza ukuthi ukushoda kwamanzi kanye nesomiso esiqhubekayo kuvele njengengxenye yezinkinga ezinkulu futhi lokhu kusho ukuthi kunesidingo sohlelo lokuhlinzekwa kwamanzi olucatshangelwe kahle e-KZN ukuze lusetshenziswe emakhaya kanye nezinjongo zokukhiqiza ezolimo.

Umbiko uthe ukungenelela okungase kube ukwakhiwa kwamadamu okuchelela kanye nezinhlelo zokuhambisa amanzi emasimini.

UNtuli uthe ukuntuleka kwemisebenzi kuxhumene ngqo nokutholakala kokudla futhi kunomthelela ngqo ekuvikelekeni kokudla.

“Sinesiqiniseko sokuthi ukusingathwa kwe-Agricultural Extension Indaba kuzokhuphula izinga lezinsizakalo

kuthuthukise ukukhiqizwa kwezolimo nokuthuthukiswa kwabalimi KwaZulu-Natali,” kusho uNtuli.

UMadlopha-Mthethwa uthe uMnyango uzocwaninga lo mbiko ukuze usungule izindlela zokuxazulula inkinga yokutholakala kokudla esifundazweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *