OWAMI THABETHE
IMEYA yeTheku, ukhansela Cyril Xaba, isimemezele ukwesula izikweletu zentela zemizi yasebashona ngenhloso yokulekelela labo abaswele abahlulekayo ukukhokha.
UXaba umemezele lokhu kunomhlangano woMkhandlu weTheku ngesonto eledlule eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC).
Isinqumo sokumemezela ushwele wokwesula izikweletu zentela yemizi yabantu asebashona nalabo abaxakeke kakhulu abangakwazi ukuzikhokhela, kuhambisana nemithetho esophikweni olulawula ezezimali, i-Municipal Financial Management Act kanye ne-eThekwini Municipality Credit Control ne-Debt Collection Policy.
Ngokwesitatimende esikhishwe uMasipala weTheku, izikweletu zentela yemizi yabantu asebashona zingaphezu kuka-R900 million.
Umkhandlu uphinde wanquma ukuthi ukucisha lezi zikweletu kuzokwenzeka ngaphansi kwemibandela ethize.
Uthe imibandela yokusizakala wukuthi imali yezindlu ibe ngaphansi kuka-R1 million zingakadluli izinyanga ezingu-24.
Ngesikhathi ethula isinqumo somkhandlu, uXaba uxwayise ngokuthi umkhandlu unelungelo lokuvala izinsiza ukuze kugwemeke ukukhuphuka kwezikweletu lapho kungekho sihlobo esizimisele ukukhokhela izinsiza zikaMasipala, noma umabi wefa engakaqokwa. .
Unxuse abahlali abafanelekile, abahlomulayo noma izihlobo zamafa asebeshonile ukuthi balisebenzise leli thuba ngokuthi baye kuMasipala benze izinhlelo zokukhokha.


