UMengameli we-IFP uHlabisa usenxuse i-DA ukuthi ingaphumi kuhulumeni waKwaZulu-Natali

SHEILA MHLONGO

UMengameli we-Inkatha Freedom Party (IFP) uMhlonishwa uVelenkosini Hlabisa usenxuse iqembu le Democratic Alliance (DA) ukuthi lingaphumi kubumbano luka hulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali. UHlabisa lokhu ukusho ngesikhathi kade iqembu lakhe libize isithangami sabezindaba eDurban Club Place, esenkabeni yedolobha leTheku ngoMsombuluko womhlaka-07 Ephreli 2025.

“Sicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi siveze umbono wethu mayelana nokuthi siyiqembu le-IFP  sime kuphi ngalohulumeni obusa ngokubambisana ( Government of National Unity) nokuthi kungani sivumelene nokweseka ukuvotela  iFiscal Framework ka-2025 kwikhabhinethi.” Kusho uHlabisa.

Mayelana neqembu leDA uHlabisa uthe isigungu esiphezulu seqembu le-IFP sizwakalise ukukhathazeka kwaso mayelana nesimo sokwehlukana phakathi ngemibono kweqembu le-ANC kanye neDA okudale izinsolo zokuthi kungenzeka iDA iphume kuhulumeni wobumbano kuzwelonke.

Eqhuba uHlabisa uthe noma kungenzeka iphume iDA kuhulumeni kazwelonke kodwa banethemba lokuthi angeke sibe khona isidingo sokuthi iphume kuhulumeni wesifundazweni ngoba vele yakwazi ukuthi noma iphumile kuhulumeni wase-Gauteng kodwa yaqhubeka kuzwelonke kanye nalapha KwaZulu-Natali.

“Kungaba kubi ukuthi lokhu okwenzeka kuzwelonke kugcine sekuba nomthelela omubi nalapha kusifundazwe saKwaZulu-Natali, ngoba akuzange kwenzeke ngesikhathi iDA ikhishwa eTswane, edolobheni laseJohannesburg ,Ekurhuleni, kanye nakuhulumeni waseGauteng, kodwa ayikaze iphume kuhulumeni weGNU kuzwelonke.

Mayelana nohulumeni obusa ngokubambisana  kuzwelonke, uHlabisa uthe iqembu lakhe lisazibophezele namanje, futhi alizimisele ngokuphuma, kodwa lizimisele ukuthi lenze isiqiniseko sokuthi zonke izethembiso ezenziwe mayelana neSabelo mali ziyafezeka, wathi iqembu lakhe lizobhekisisa konke okwenzeka eminyangweni kahulumeni, liqinisekise ukuthi isebenzisa izimali njengokomyalelo kaNgqongqoshe wezeziMali.

UHlabisa uphinde wachaza mayelana nesizathu sokuthi iqembu lakhe liyakuthokozela ukuthi lavotela ukuphasiswa kweSabelo mali ngoba kuzovuleka amathuba emisebenzi kuqashwe othisha, abahlengikazi kanye nodokotela, okuyinto ehambisanayo nemanifesto yeqembu lakhe.

UHlabisa uzwakalise ukuthi beyi-IFP bazimisele ukuba iqembu labantu eliphokophele ekukhulisweni komnotho onozinzo ozokwazi ukudala amathuba omsebenzi kanye nenhlala kahle kubantu abampofu.

“Ukweseka kwethu ukukhushulwa kwe-VAT kungenxa yokuthi sikholelwa ekutheni izwelethu lidinga uzinzo kanye nohulumeni obeka abantu phambili.” Kusho uHlabisa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *