Uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium owamanqamu eNedbank Cup

SBU MAMBA

IPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi i-NEDBANK CUP Final izobanjelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini , lzikhondlakhondla zaseSoweto iKaizer Chiefs neOrlando Pirates ziqophe umlando zinqoba imidlalo yazo yamaSemi Finals bazibekisela indawo kuma Finals eNedbank Cup.

Amabhakabhaka atalabhe iMarumo Gallants ngegoli elilodwa eqandeni elibekwe enethini uKabelo Dlamini eOrlando Stadium kanti Amakhosi athuse abaningi aqumba phansi aMasandawana iMamelodi Sundowns ngo 2-1eLoftus Stadium , igoli leSundowns lingene sekuyophela isiwombe sokuqala kube yiFree Kick enhle eshaywe uTebogo Mokoena kanti amagoli eChiefs ashaywe uWandile Duba no-Ashley Du Preez.

Abafana bokuthula noxolo nezakaMagebhula bagcina ukubhekana ngo 2014 kumkhumulajezi , ngo 2010 iChiefs nePirates batholana kwiTelkom kowamanqamu kwanqoba Impofana. Kodwa kulesizini Amabhakabhaka asefomini adlala ingcwenga yebhola futhi anabadlali abasezingeni eliphezulu , Ezimnyama zisethubeni lokunqoba izicoco ezintathu iCaf Champions League , iNedbank Cup ,Betway Premiership Iligi kodwa kuzoba iFinal enzima lena ngeke iPirates izidlele amahlanga kulomdlalo akungatshazwa ukuthi iMpofana izolwela ukufa nokuphila kulomdlalo ngoba ithuba labo lokugcina leli lokunqoba isicoco kulesizini ka 2025/2026.

Abalandeli baMakhosi , abaphathi nebhentshi lonke leChiefs eliholwa umqeqeshi uNassreddine Nabi belijabule kakhulu ngokushaya iMamelodi Sundowns kuma Semi Finals ,lomdlalo ubumqoka kakhulu kuChiefs ubuyise ithemba lokunqoba isicoco kulesizini kanti futhi uqinisekise indawo yeChiefs emdlalweni yase Africa kuCAF Confederation Cup ngesizini ezayo. Umdlalo wamanqamu weNedbank ungomhlaka  Meyi 10 eThekwini .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *