SHEILA MHLONGO
Ngikhule ngihamba inkonzo ngaze ngangena kumculo we Gospel ngaqopha izingoma. Akuhambanga kahle kwezomculo ngoba ngisemusha kulo mkhakha kulapho ke engigcine sengisizwa umama u Pat Nkonyeni.
Wangicothozisa njengoba sengingene nakwi Thembisile and Thandie Awards eLusikisiki nakhona kwi Kzn Namuhla Awards. Ngizimisele ukusebenza kanzima kakhulu kulo nyaka ukuze nami ngithole ukuwina kuma-Awards njengamanye ama-Artist. Kuyongijabulisa ukuhlangana namaciko avela kwezinye izindawo khona ngizobona nendlela ekwenziwa ngayo izinto nokucobelelana ngolwazi.
Ngingathanda ukusebenzisana noProducer uNqobile Mbandlwa no Mane Mzulwini eChatsworth. Njengomuntu osemusha kwezomculo azikho izinto esengizenzile ngaphandle kokuhamba kuma event ngabuye ngaya eLusikisiki ngenkathi u mum Pat Nkonyeni eyobongwa ngama award awawinile ngiye ngafunda okuningi okungihlabe umxhwele ngabona kufanele ngisukume nami ngisebenze kanzima.
Ngiyathembisa kubalandeli bami ukuthi noma kanjani kulo nyaka ikhona into engizoyiwina ngibuye nayo kuma Awards engiwangenele. Izingoma zami azikatholakali kuma platforms zisatholakala kumina kuphela. Kule nombolo WhatsApp/ Calls: 063 933 4467.

