SHEILA MHLONGO
Yimali yakho ye-SASSA – unelungelo lokukhetha indlela yokuyithola ngayo
Ngomhla ka-17 Ephreli 2025, u-SASSA umemezele ukuthi abantu abathola izibonelelo kumele bashintshe ama-SASSA Gold Card, njengoba la makhadi ezophelelwa yisikhathi ngo-31 Meyi 2025. Kanti uhlelo lokushintshwa kwamakhadi amasha e-Postbank kumisiwe, ngakho-ke abantu bayakhuthazwa ukuthi bavule ama-akhawunti amasha emabhange ehlukene abazikhethela wona ukuze baqhubeke nokuthola izibonelelo zabo.
Ungakhathazeki : Ungakhetha noma yiliphi ibhange ofuna imali zakho zeSASSA zingene kulo. Lokhu kuzokusiza ukuthi uthole izinsiza ezihambisana nezidingo zakho njengemali-mboleko, umshwalense, noma ukukwazi ukusebenzisa i-ATM noma isitolo ukuze uthole imali noma uthenge.
EasyPay Everywhere iyindlela elula kwabaningi ngoba ivumela abathola izibonelelo zakwaSASSA ukuthi basebenzise amakhadi abo noma nini, bathole izaziso nge-SMS uma imali ingenile, futhi bahlale benolwazi lwemali yabo.
Ungalibali: Khetha ngaphambi kuka-31 Meyi 2025. Vakashela igatsha le-EasyPay Everywhere eliseduze noma uvakashele i-www.epe-online.co.za, noma uthumele i-SMS ku-38131 ukuze ubizwe emuva.
Khumbula: yisipho sakho lesi – wena ukhetha ukuthi uyithola kanjani.

