ONGEZIWE NTONDINI
UNdumiso Lawrance Ngubane onguMsunguli weBushu wamaMpondo Foundation ezinze elokishini laseMlazi ka-D uqinisekisa ukuphepha kwabahlali baseMlazi kwizigebengu abuye asize nezingane kanye nemindeni eswelayo.
Ubuye abeyilungu leNeighbourhood watch forum eseMlazi lapho kugadwa abantu kusukela ngo-4 ekuseni uma beya emisebenzini ibuye isize izingane ukuwela ema robhothini ngakwi nxanxathela yezitolo kwaMnyandu njalo ekuseni nantambama.
” Ngiyingane ekhule ihlupha ngishintsha izikole eThekwini ubaba wagcina esengihambisa emakhaya ePort Shepstone ngayohlala nogogo uThandeka Memela okunguyena engabukela kuye esiza abantu ngemisebenzi, ukudla, izimpahla zokugqoka”. kusho uNdumiso.
Ngonyaka ka-2010 wayesebenza emasosheni wayeka ngoba esegula wabuyela eMlazi wasebenzela e-IEC,kanye ne Independent Newspaper emva kokuthi ajoyine i Neighbourhood watch eyayiholwa ubaba wakhe uSiyabonga Memela. “Ngibuye ngibe ngumelaphi khona la ka-D eMlazi ila engithola khona imali yokusiza abantu, isifiso sami ukusiza abantu abawu-100 kulonyaka, ngifisa ukusebenzisana namaphoyisa, ojele, amanurse, othisha kanye nomphakathi ukuze kube nokuphepha nobumbano emphakathini”. Kusho uNdumiso.
IBushu Wamampondo Foundation ibuye ibe usizo ekubuyiseleni izingane esikoleni esezigxile kwizi dakamizwa, nezakhulelwa zisancane. Usizo oluningi ulithola kubantu kwizinkundla zokuxhumana ikakhulu uTik tok nakumalungu omphakathi, i IFP, MK kanye neKhansela le-ANC, uyacela nakubatshalizimali bafake isandla lokho okuncane kuzokwenza ushintsho komunye.

