Iyinzukazikeyi nendida indaba yentela yempahla (Value added Tax)

SHEILA MHLONGO

Kubukeka iseyinzukazikeyi kanye nendida indaba yokukhushulwa kuphinde kumiswe ukukhushulwa  kwentela yempahla (Value Added Tax). Lokhu kungokoqala emlandweni wezwe selokhu elakuleli laqala ukuba nentela yezimpahla, nokubonakala kuyinto engaqondakali.

Kuzokhumbuleka ukuthi intela yempahla ibilokhu imile ku 15% emva kokukhushulwa isuka ku 14%. Ukukhushulwa kweVAT kudale omkhulu umsindo phakathi kwamaqembu angamalunga eGovernment of National Unity (GNU) okuyi DA ne FF Plus okuyiwona amaqembu abephikisa lesinyathelo aphinda ajoyinwa amaqembu amabili okuwuMkhonto weSizwe Party kanye nele Economic Freedom Party.

Ekuqaleni uNgqongqoshe wezeziMali uMnu Enock Godongwane uhlongoze ukukhuphula iVAT ngo 2% kodwa kwaba nomkhulu umsindo amaqembu angaphansi kwe GNU azwakalisa ukuphikisa lesinqumo ngaphambi kokuthi uNgqongqoshe uGodongwane aze ethule Isabelomali sika 2025/6 ePhalamende ,nokwagcina ngokuthi agobe uphondo wakhuphula  iVat ngo 0.5%,nakho okungemukelekanga neze, empeleni kuwo wonke amaqembu.

Iqembu le-African National  Congress (ANC) lizamile ukunxenxa amaqembu amancane angaphandle kwe GNU ngesikhathi libona ukuthi iDA okuyiqembu elikhulu ku GNU liyaziqhathulula alifuni nokuyizwa indaba yokukhushulwa kwentela ngo 0,5%, lisho khona ukuthi lokhu kuzogqilaza kakhulu abakhokhi bentela kanye nabantu bakuleli abavele bezihluphekela.

Kwaba nomzabalazo iqembu le-ANC linxenxa amanye amaqembu amancane  okuhlanganisa namanye angaphakathi kwi GNU kanye nangaphandle nawo agcina evumile kodwa futhi engayinambithisisi kahle indaba yokuthi kukhushulwe intela njengoba nawo akhala ngakho ukuthi kuzogqilaza abantu bakuleli abavele besenkingeni ngenxa yenhlupheko edalwa isimo esingesihle somnotho kanye namathuba amancane okuqashwa.

Kwafika isikhathi sokuvota wonke amaqembu amancane avumelana ne-ANC kodwa elokhu eshilo ukuthi kumele kwenziwe imizamo yokuthi  ingakhushulwa intela  yempahla kunalokho akutholakale ezinye izindlela zokungenisa imali ngaphandle kokwenyuswa kwentela.

Iqembu le-DA laliwotha ubomvu lingafuni kuzwa lutho lagcina lidlulisela  udaba eNkantolo eNkulu yaseKapa yalandelwa iqembu le-EFF nokugcine ngokuthi lamaqembu avunwe isinqumo senkantolo sokuthi impela uGodongwane akangakhuphuli intela, futhi kumele akhokhe izindleko zeDA ne-EFF .

Ngaphambi kokuthi kufinyelelwe esinqumeni seNkantolo eNkulu uGodongwane ube esevele egobe uphondo ngoba wanxusa lama qembu ukuthi abalungise loludaba ngaphandle kwenkantolo, ngenxa yokuthi esethathe isinqumo sokuthi engabe esakhuphula intela kodwa kwasho khona ukuthi lamaqembu awazimisele.

Manje kubukeka kusenenzukazikeyi ngoba akwaziwa mbhantshi kujiya ukuthi kuzophetha kanjani njengoba kumele udaba lubuyele kuNgqongqoshe uGodongwane ashintshe iSabelomali kube esehliswe intela bese ebona ukuthi uzokwenza kanjani ukuthi ubhalansisa kanjani izimali.

Ezakamuva zithi amanye amaqembu afana EFF wona afuna ukuthi umsebenzi wokudidiyela iSabelomali uphume ngaphansi kwe National Treasury ngoba kubukeka uNgqongqoshe weziMali ehluleka ukwenza umsebenzi wokuhlela izimali zezwe, futhi bafuna nokuthi ehle esikhundleni.

Sengiphetha lesinyathelo sokukhushulwa kwe VAT sidale ukudideka ngisho nakosomabhizinisi ngoba abanye bese bekhiphe isimemezelo kumakhasimende abo sokuthi izokwenyuka imali abazoyikhokha, kanti abanye kungenzeka sebevele becuphe amasystem abo ukuthi afake iVAT ethe xaxa ngo 15,05%.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *