SHEILA MHLONGO
Lugcine lunqontshiwe udaba oluphikisana nokukhushulwa kwentela yempahla (Value Addded Tax)\obekuhlongozwa isuka ku 15% iyaku 15.05%. Lokhu kuza emuva kokuthi kube nomsindo wempikiswano phakathi kwamalunga amabili eGNU iDA, FF Plus kwangenelela eleEFF, neMKP, nokuphethe ngokuthi iqembu leDA nele EFF afake udaba enkantolo efuna kumiswe ukukhushulwa kwentela obekuzokwenzeka ngomhla lulunye kuMeyi 2025.
Ngomhlaka -24 Ephreli uNgqongqoshe weziMali uMnu Enock Godongwane ube esekhipha isimemezelo sokumisa ukukhushulwa kwentela . Kanti ngokoMnyango wezeziMali isinqumo sokumisa ukukhushulwa kweVAT siza emuva kokuthi kube nokubonisana phakathi kwamaqembu ehlukene ezepolitiki kanye nezincomo ezimqoka ezenziwe amakomiti asephalamende.
Ukumiswa kokukhushulwa kweVAT kubhekeke ukuthi kudale ukushoda kwezimali ezingenayo okungange R75 billion esikhathini esimaphakathi nethemu.
Ngenxa yalokhu uNgqongqoshe wezeziMali uye wabhalela uSomlomo wePhalamende esho khona ukuthi usethathe isinqumo sokumisa i-Appropriation Bill kanye neDivision of Revenue Bill ukuze akwazi ukuthi afake isicelo soku ajasta imali yezindleko ngendlela yokuthi ukulahleka kwemali engenayo akulimazi iFiscal sustainbility yeNingizimu Afrika.
“Isinqumo sokungakhushulwa kwentela kusho ukuthi imizamo yokwesekela labo abahola kancane ukuze bangakhahlamezeki ngenxa yokukhushulwa kwentela manje sekumele kumiswe bese kubhekelelwa kabusha ezinye izindleko, lokhu okungenzeka ngokuthi zonke izimali eziqoqwa uSARS kube yizona ezibhekana nalesimo.”Kusho uNgongqoshe uGodongwane.SANews.gov.za

