SHEILA MHLONGO
Ngaphambi kombungazo wokugubha iminyaka engu-31 iNingizimu Afrika yazuza inkululeko, uNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli uhloniphe Inkosi Albert Luthuli owaba owokuqala onsundu ukwamukela iNdondo ye-Piece Nobel Price ngokuhambela ingcwaba lakhe wafike wabeka izimbali ethuneni eliseGroutville ngaphansi kukaMasipala Ilembe.
UNdunankulu uNtuli ubehambisana namalunga esigungu esiphezulu kuhulumeni waKwaZulu-Natali okubalwa uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natali uMnu Simiso Duma, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nezeMvelo uMfu. Musa Zondi, kanye noNgqongqoshe wezeMidlalo ubuCiko kanye namaSiko uMnu Mntomuhle Khawula.
UNdunankulu uNtuli uzwakalise ukwamukela ukuvulwa kabusha kophenyo mayelana nokufa kweNkosi u-Albert Luthuli ukuze kutholakale iqiniso, nathe uyethemba ukuthi lokhu kuyosiza ukudlulisa isikhathi esinzima somlando obuhlungu eNingizimu Afrika, kube indlela yokuhlonipha uLuthuli njengophawu lokuthula nobulungiswa.
Kuzokhumbuleka ukuthi Inkosi Albert Luthuli wadlula emhlabeni ngomhlaka-21 July 1967 ngendlela engaqondakali okusolwa ukuthi washayiswa isitimela, kodwa okungaziwa ubuqiniso bakho.
INkosi Albert Luthuli yabe inguMengameli weqembu le-African National Congress(ANC), uthisha kanye nomholi wezenkolo, edlula emhlabeni kwabe kungemuva kokuthi emukeliswe Indondo yeNobel Peace Price, ngonyaka ka-960, ngenxa yeqhaza lakhe lokuba semzabalazweni wokulwela inkululeko ngaphandle kodlame.
UNdunankulu uNtuli uphinde wancoma ubudlelwane obuhle phakathi kukaLuthuli kanye noMntwana waKwaPhindangene uDktl. Mangosuthu Buthelezi ongasekho, wathi lobuhlobo bukhombisa ukubekezelelana, ukuthula nobunye. UNdunankulu uphinde wabonga amaqhawe omzabalazo afela inkululeko, esho ukuthi igazi labo lachitheka ukuze abantu bakuleli bazuze izithelo zenkululeko.


