SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali,uMhlonishwa, uThulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi kuzothuthwa imindeni yase sigcemeni sakwa P eMlazi, eningizimu yeTheku, ebhidlikelwe imizi yawo ngenxa yokunyibikilika komhlaba okudalwe izimvula ezinamandla.
Esitatimendeni esikhishelwe abezindaba,ngomhlaka 26 Ephreli 2025, uNgqongqoshe uButhelezi uthe usehlangene nemindeni ethintekayo okungowakwa Mnguni, Madondo, Mazibuko, kanye nowakwa Msomi, lapho amalunga ayisithupha aye alimala kwaze kwadingeka ukuthi athole ukwelashwa esibhedlela.
Ngesikhathi uButhelezi ehlangene nemindeni uye wachaza mayelana nemizamo yokuqalisa izinhlelo zokususa lemindeni ethintekayo ukuthi ithuthelwe ezindaweni eziseduze ngaphansi kweNkosi uCele ngenxa yokuthi umnyango wakhe ukhathazekile ngezigameko zokubhidlika kwemizi.
“Sikhathazekile kakhulu ngalezizehlo, njengoMnyango ngaphansi kohlelo lwe Cogta Disaster Housing kanye nokubambisana nesisebenzisana nabo sizimisele ukunikeza usizo oluphuthumayo emphakathini waKwaZulu-Natali. Siqalile izingxoxo neNkosi uCele eNgonyameni mayelana nokuthuthela khona imindeni ekhahlamezekile,ngoba kuyacaca ukuthi indawo ehlala kuyo lemindeni ayisaphephile, futhi ingaqhubeka nokuba ingozi.” kusho uButhelezi.
UNgqongqoshe uphinde wanxusa uPhiko olubhekele izinhlekelele (Disaster Management Centre) lapha esifundazweni ukuthi lusebenzisane noMasipala weTheku ukuthi kuhlolisiswe lendawo ngoba sekunezinkomba zokuthi nezinye izindlu kulendawo zisengcupheni yokudilika okungaba ingozi.
UMnyango uzoqhubeka nokusebenzisana neminye iminyango ukuze uqinisekise ukuthi yonke imindeni ethintekayo ithola usizo olufanele njenge SASSA kanye noMnyango wezaseKhaya njengoba lemindeni ilahlekelwe izincwadi ezibalulekile , kanti elinye elunga elifunda isikole lilahlekelwe yikho konke ebelinakho kanye nomfaniswano wesikole nezincwadi zokufunda.

