SHEILA MHLONGO
Kuzovuleka amathuba amahle kakhulu okuhwebelana kosomabhizinisi abazobe bethamele inkomfa eyaziwa nge-Africa Travel Tourism Indaba 2025. Lokhu kuhlaluke ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuVakasha uNkk. Patricia de Lile ethula ngokusemthethweni iAfrica Tourism Indaba esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesithathu lomhlaka-23 Ephreli 2025, ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Unlimited Africa.”
Ethula inkulumo yokwethula lenkomfa uNgqongqoshe uPatricia de Lile utshele abezindaba ukuthi lenkomfa izoveza amathuba amahle kakhulu okuhwebelana kuzihambeli ezingosomabhizinisi ezizobe zivela emazweni angu-26 aseAfrika. Kuzoba nezitandi zokukhangisa ( Exhibitors) zosomabhizinsi enzingu-1,200 lapho beyobe bethengisa ngemisebenzi kanye nemikhiqizo eyehlukene, khona lapho kuyobe kukhona nabavela emazweni aphesheya ababalelwa ku 908 abazobe bezothenga, kuphinde kubanjwe nemihlangano yokubonisana nokucobelelana phakathi kosomabhizinisi.
Kule Afrika Tourism Indaba kuzobe kuyinkundlla lapho kuyotholakala khona yonke imisebenzi kanye nemikhiqizo ephathelene nezokuvakasha ngaphansi kophahla olulodwa.
Ngonyaka ka-2024 ibalelwa ku-4,000 imihlangano eyabanjwa kwi-AfricaTravel Tourism Indaba, nokwavuna izithelo zokuthi nosomabhizinisi abancane bazuze kulemihlangano yokucobelelana baphinda bathola ithuba lokuziveza ezimakethe zangaphandle bakwazi ukudayisa izimpahla zabo.
“Siyajabula kakhulu ngale AfricaTravel Indaba njengoba iza emva kokuba sethule umkhankaso wethu othi “South Africa Awaits – Come Find Your Joy”- okuyingxenye yokubungaza ubuhle bezwe lethu, amasiko kanye nezindawo zethu ezinhle zokuzijabulisa.” Kusho ude Lille.
“Inhloso yethu ukuqinisekisa ukuthi zonke izivakashi zethu zithola injabulo kuzozonke izingxenye zase Ningizimu Afrika ziphinde zithole nezinto ezahlukene ezitholakala kumkhakha wezokuvakasha kanye nezinye izinto ezimangazayo ezitholakala emadolobheni ethu amancane nasemalokishini.”
UDktl. Sibusiso Ndebele obemele iKZN Tourism and Film Authority, yena uthe leli ithuba elihle kakhulu lokukhangisa imikhiqizo ephathelene nezokuvakasha kanye nokukhangisa izindawo ezinhle zokuvakashelwa kwizinkulungwane zabathengi bezokuvakasha abazobe bevela emhlabeni wonke befuna ukuthola izindawo ezinhle zokuvakashelwa abangazithengisela amakhasimende abo.
“I- ATI nayo izohlomula kakhulu ngosomabhizinisi bethu abasafufusa endimeni yezokuvakasha abazothola ithuba lokuxhumana nabezimakethe zomhlaba abazobasiza ukuthuthukisa amabhizinisi abo abe sezingeni eliphezulu.
Eminyakeni edlule sike sathola nethuba lokuthi sigqamise uhlelo lwethu lwe Tourism Ambassador elisize kakhulu izitshudeni ngethuba lokuthi zibe phambili kwezokuvakasha zadlala indima enkulu ekwamukeleni izivakashi lapha e-KZN. Siyathemba ukuthi eminyakeni ezayo sizoqhubeka sisingathe iKwaZulu-Natal Travel Indaba ibe ikhaya.” Kusho uNdebele.SANews.gov.za.

