Imindeni ihlaliswe ezindlini zesikhashana ngemuva kwezimvula  ezinamandla eThekwini

ONGEZIWE NTONDINI

UNgqoqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa Kwabantu eKZN, uSiboniso Amstrong Duma, umemezele inhloso yakhe yokuvakashela imiphakathi ethintekile yizikhukhula, edlulisa amazwi enduduzo kulabo abathintekile. “Kulandela izimvula ezinamandla ezidale umonakalo eThekwini ngithathe isinqumo sokuqeda ukuzibandakanya kwami esishayamthetho futhi ngibe nemiphakathi ehlukumezekile,” esho.

Izindawo ezithintekile e-Umlazi zihlanganisa iChicago e-AA Section, i-J Section, ne-Ward 78 ngaKwaMgaga High School. Kulezi zindawo, izindlu zicekeleke phansi, kwashiya amalungu omphakathi engenamakhaya .

Kushone umuntu oyedwa kwathi abanye baphuthunyiswa esibhedlela nasemtholampilo ngesikhathi izikhukhula zicekela phansi izindlu nemigwaqo eMlazi. UDuma uthe ithimba lakhe kanye namaKhansela endawo babike ukuthi abantu abaningi baphuthunyiswe ezibhedlela nasemitholampilo kule ndawo kulandela ukucekelwa phansi kwezindlu zabo.

Kubikwa ukuthi umndeni wakwaMadondo ulahlekelwe yilungu elilodwa ngemuva kwemvula ebangele ukudilika kwendlu ka P Section e-Umlazi, ku-Ward 85. “Ngaphezu kwalokho, ithimba lethu elisebenza kahle kakhulu le-Road Traffic Inspectorate liqophe ukwanda kwesibalo sezingozi. Imigwaqo igcwele izikhukhula futhi amabhuloho acekelwa phansi. Izimvula ezinamandla nezikhukhula zenzeka njengoba sethula izinkulumo zesabelomali zeminyango yomibili,” kusho uDuma.


“Sikhethe izikhukhula – ukucekelwa phansi kwezindlu nemigwaqo – njengenselelo enkulu edinga ukuthi yomibili iminyango yenze okuningi ngezinsizakusebenza ezilinganiselwe.”


KwaZulu-Natal Human Settlements ithe isinikwe umbiko wokuqala.
Bangaphezu kuka-1200 abantu abathintekile kanti izindlu ezingaphezu kuka-50 zicekeleke phansi eMlazi. Ngempelasonto, imindeni elinganiselwa ku-16 yathuthelwa ezindaweni zokuhlala zesikhashana.”Sizophinde sikhombise ukuthi mingaki imiphakathi edinga indawo yokuhlala, ngoba ithimba elinikwe njengamanje lenza iphrofayili yemindeni,” kusho okhulumela uMnyango, uNdabezinhle Sibiya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *