SHEILA MHLONGO
Isilo uMisuzulu kaZwelithini wenze isiko lokuthela amanzi namakhosi amahlanu aKwaZulu-Natal njengengxenye yokubekwa kwawo ngokusemthethweni. Lo mcimbi ububanjelwe eMashobeni Royal Palace ePhongolo, ngoLwesihlanu lomhlaka-23 Meyi 2025.
Ukuthela Amanzi kuyisiko elibalulekile elifanele ukwenziwa ngaphambi kokuba iNkosi ifakwe ngokusemthethweni, njengoba kuchazwa uMthetho wobuHoli beNdabuko KwaZulu-Natal (Traditional Leadership and Governance Act). Isilo sithumela izibusiso zaso kulamakhosi, siwagqugquzela ukuba akhathalele abantu bawo.
Lomcimbi ubuthanyelwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, amaKhosi, amabutho, izintombi kanye nomphakathi wonkana.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu uMfundisi uThulasizwe Buthelezi wachaza ukubaluleka kwaleli siko, ethi liqinisekisa ubuqiniso nobumsulwa beNkosi ngaphambi kokufakwa kwayo ngokusemthethweni. Uthe uHulumeni wesifundazwe usekela le nqubo.
Amakhosi anikeze Isilo izipho zokubonga, asho nokuthi azizwa ehloniphekile ngemuva kokwenza lesi siko. Leli siko libalulekile ekugcineni amasiko nobuhlanga bamaZulu.
Amakhosi abekwe ngokusemthethweni:
• INkosi MM Dube ngaphansi kweDube Traditional Community kwisifunda I- King Cetshwayo.
• INkosi PMT Mathaba yaseMacambini Traditional Community ngaphansi kwesifunda iLembe.
• INkosi SB Lushaba yeLushaba Traditional Community kwisifunda Ugu
• INkosi NI Zikhali we-Mbila Traditional Community kwisifunda uMkhanyakude.
• INkosi BM Mkhize we-Isimahla Traditional Community kwisifunda saseThekwini.


