Uhulumeni waKwaZulu-Natal ukhipha  osonkontileka abangenzi kahle umsebenzi

SHEILA MHLONGO

UNgqongqoshe woMnyango wezemiSebenzi kaHulumeni  neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMartin Meyer, usexwayisile osonkontileka abangenzi kahle  umsebenzi kahulumeni ukuthi bazokhishwa ohlwini lwezinkontileka eziqashwa uhulumeni (Blacklist).UMeyer ukusho lokhu  ngesikhathi bethula isakhiwo esisha esilungisiwe eRK Khan Hospital,  lomsebenzi odle isamba sika-R58 million ubungeke udluliselwe komunye usonkontileka ukube owokuqala wawuqeda ngesikhathi.

Uhulumeni wesifundazwe usunqume ukufaka ohlwini olumnyama bonke osonkontileka abashiya imisebenzi noma abangaliphothuli ngesikhathi nangaphakathi kwesabelomali. Uthe angeke kube khona enye imali yokwengeza uma umsebenzi ungapheli ngesikhathi, futhi abangaliphothuli ngesikhathi bazobhekana nesijeziso.

Uphinde waxwayisa ukuthi siphelile  isikhathi sokusebenzisa izimo zezulu  njengezaba sesiphelile njengoba sekuyaziwa ukuthi izimo zesimo  sezishintshile ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu (Climate Change), ngakho kufanele kube nezinhlelo ezihleliwe. Uthe uphenyo lwakamuva lukhombisa ukuthi isifundazwe sizobhekana nezimvula ezifika ku-150mm ngosuku olulodwa, okujwayeleke ukuba kube njalo kanye eminyakeni engu-50 kodwa lokhu sekwenzeke izikhathi ezi-5 ngonyaka owodwa.

Lokhu kusho ukuthi izinhlelo zokwakha kufanele zihlanganise izimo zezulu futhi kwakhiwe izibhedlela ngendlela efanele futhi ezikwazi ukubhekana nezimo ezinzima ukuze kusindiswe izimpilo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *