SHEILA MHLONGO
Ngemuva kwempumelelo yesigaba sokuqala, i-Innovate Durban iyajabula ukumemezela ukwethulwa kwesigaba sesibili sohlelo lwe-SHEshisa Accelerator Programme uhlelo olunamandla lweminyaka eyisithupha okuhloswe ngalo ukuthuthukisa osomabhizinis besifazane eThekwini nakusifundazwe sonke KwaZulu-Natal.
I-SHEshisa, okusho ukuthi “sheshisa” ngesiZulu, akusilo nje uhlelo lwezamabhizinisi kuphela, kodwa kuwumnyakazo oqinisekisa ukuthi abasunguli bamabhizinisi besifazane banikezwa amathuluzi, amakhono, kanye nesibindi sokukhulisa futhi bagcine amabhizinisi abo ephumelela. Isigaba sika-2025 siqhubeka nalo msebenzi ngokunikeza izifundo ezinamandla, ubuholi kanye namathuba okuhlanganisa umphakathi
Lolu hlelo luxhaswa uMasipala waseThekwini kanye neSoftware AG, futhi lwenziwa ngempumelelo ngokubambisana neRegenesys, iKhokha kanye nabaxhumanisi bemboni. Lolu hlelo lukhombisa ukuzibophezela ngokubambisana ekwakheni umnotho onobumbano onokuhlakanipha kanye nezimboni ezintsha KwaZulu-Natal.
I-SHEshisa ihlanganisa ukufunda okuzimele okuku-inthanethi nezingqungquthela zomuntu mathupha eziseThekwini. Lolu hlelo lusebenzisa imodeli yokufunda ngokwenza, okuvumela abahlanganyeli ukuthi basebenzise ulwazi olusha ngokuqondile emabhizinisini abo ngesikhathi besebenzisana nabaholi, abeluleki, kanye nochwepheshe bemboni.
Umthelela Oqinisekisiwe: Izimpumelelo Zesigaba Sokuqala
Isigaba sokuqala se-SHEshisa Accelerator sabonisa imiphumela emihle kwabesifazane ababambe iqhaza. Ngo-2024, lolu hlelo:
- Lwamukela abasunguli besifazane abayi-15 kwathi abayi-13 baphothula lolu hlelo
- Lwasiza amabhizinisi ayi-12 ukuthi amukele amathuluzi edijithali ukuthuthukisa ukusebenza kwawo
- Lwaqinisekisa ukuthi abayi-12 basebenzisa izindlela ezintsha kumamodeli abo amabhizinisi
- Lwasiza amabhizinisi ayi-8 ukuthi akhe ubunikazi bawo bemikhiqizo
- Lwasiza abasunguli abayi-6 ukuthi basebenzise izindlela ezintsha zokumaketha
- Lwasiza amabhizinisi ayi-13 ukuthi ahlole imikhiqizo noma izinsiza zawo emakethe yangempela
- Lwanika amabhizinisi ayi-3 amandla okucela uxhaso lwezezimali, kuhlanganise ne-SB Empower Pitch Day
- Lwasingatha imicimbi yomphakathi emithathu exhasa izinhlangano ezingenzi nzuzo
- Lwakha ubambiswano lwamabhizinisi ayi-8
- Lwahlela imicimbi ye-expo emibili eyavezwa kuyo imikhiqizo nezinsiza ze-SHEshisa emphakathini
Izisekelo Ezintathu Ezisemqoka Zohlelo Lwe-SHEshisa:
- Umuntu Wesifazane – Ukugxila ekuthuthukisweni komuntu siqu, ukukhulisa ukuzethemba, kanye nobuholi ukuze kufezekiswe amandla omuntu ngemuva kwebhizinisi.
- Ibhizinisi Lakhe – Ukuqeqeshwa ngokoqobo ezindaweni ezibalulekile ezifana nokuphathwa kwezimali, ukumaketha, ukusebenza, izinsiza zabantu kanye nezinto ezintsha.
- Umphakathi Wakhe – Amathuba okwakha izixhumanisi zempilo ende, ubudlelwane obuqinile kanye nomthelela omuhle emiphakathini yabo.
Uhlelo lusekelwe kwimodeli ye-World Economic Forum’s Future of Work, egxile ekuxazululeni izinkinga, ukuziphatha kahle, ukusebenza nabanye, kanye nokusetshenziswa kobuchwepheshe.
Okudingekayo ukuze ube ingxenye yaloluhlelo Kumele:
- ube ngowesifazane, obhalisiwe eNingizimu Afrika futhi usebenze iminyaka engu-1 kuya ku-5
- ube nemali engenayo engaphansi kuka-ZAR 1 million ngonyaka
- ube usebenzisa ubuchwepheshe noma uzimisele ukulwamukela
- ube nezindlela ezintsha noma uzimisele ukuzenza
- ube KwaZulu-Natal futhi usebenze khona ngokugcwele
- uzinikele ekubeni khona ezingqungqutheleni zomuntu mathupha eThekwini
Lolu hlelo luyatholakala ngaphandle kwezindleko futhi abazobhaliswa kuphela yilabo abazokhethwa.
Izicelo sezivuliwe zesigaba sesibili se-SHEshisa Accelerator. Uma ungumuntu wesifazane osungule ibhizinisi futhi ufuna ukuthi lithuthuke, manje yithuba lakho lokuhlanganyela kulo hambo oliguqukayo.
Faka isicelo namuhla futhi ube yingxenye yomphakathi okhulayo wabesifazane abahola ekusungulweni kwezinto ezintsha KwaZulu-Natal.
Usuku lokugcina lokufaka izicelo: 13 Juni 2025

